Inkampani ehlinzeka abantu abanemali encane ngezinsika iLesaka Technologies ithenge iBank Zero. Isithombe: Sithunyelwe

I-Bank Zero ithengwe yiLesaka Technologies ngoR1.09bn

INTATHELI YOMBELE

INKAMPANI ehlinzeka abantu abahola kancane ngezinsiza nobuchwepheshe bezimali ithenge ibhange eliwumfelandawonye iBank Zero ngoR1.09 billion.

Lezi zindaba zimenyezelwe ngesonto elidlule yiLesaka Technologies esitatimendeni esithumele abezindaba.

Yize lezi zinkampani sezivumelene ngako konke okuzokwenzeka kusukela manje kodwa uphiko olungamele izinkampani ezisebenza ngemali lweBhange lomBuso iPrudential Authority yilona oluzophasisa yonke into. 

ILesaka Technologies yenza ubuchwepheshe obuhlukene okukhona kubo nemishini yokukhokha esetshenziswa ngabanikazi bamaspaza nosomabhizinisi abasafufusa okubalwa nabadayisi basemgwaqeni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/25/akubenemikhiqizo-ekhuthaza-abantu-ukonga-ngisho-utiki/

Usihlalo weLesaka Technologies uMnu u-Ali Mazanderani uthe uR1.09bn usho ukuthi bazothola u-12% wamasheya eBank Zero. 

“Ubunikazi bethu kwiBank Zero buzosilekelela ukuthi sisize amakhasimende ethu kangcono nosomabhizinisi esisebenzisana nabo ngezinsiza zethu zobuchwepheshe. Phela iBank Zero inemvume yokusebenza embonini ekuyona, okuyinto ezosiza kakhulu,” kusho yena. 

Isikhulu esiphezulu seBank Zero uMnu uYatin Narsair sithe ukufika kweLesaka Technologies kuzolekelela izinhlelo zabo zokusondeza usizo lokubhenka olungambi eqolo kubantu. 

“Sisebenzisa ubuchwepheshe ukususa izindleko ezifakwa ngamabhange amakhulu. Sihlale sifuna ukuphucula umsebenzi. Ukusebenza neLesaka Technologies kuzosisiza ukuthi sithole izindlela ezintsha zokwenza imali nokusabalalisa izinsiza zethu ezindaweni eziningi,” kuphetha yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page