UMnu uKagiso Malope, umsunguli weKgakgara Holdings Farming yaseBushbuckridge, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kumlimi omncane ophatha umhlabathi ngothando

WUTHOBILE ZWANE

UMHLABATHI uhlale ukhumbula ukuthi wubani owuthinta ngothando. Usho kanje umlimi waseBushbuckridge, eMpumalanga.

UMnu uKagiso Malope, oneminyaka ewu-22, wasungula iKgakgara Holdings Farming eneminyaka ewu-19 egqugquzelwa ngabazali bakhe ababezilimela epulazini labo ababengalibhalisile njengebhizinisi. Uthi uKgakgara yisithakazelo sakhe, okusho ifa lomndeni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/21/umlimi-omncane-ulwa-nokuguquguquka-kwesimo-sezulu/

Epulazini lakhe bakhiqiza u-anyanisi, isipinashi, utamatisi neklabishi. “Okusenza sihluke wukuzibophezela kwethu ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu futhi siziqhenya ngokuletha umkhiqizo omuhle kumakhasimende ethu. Silwela ukwakha ubudlelwano obuqinile namakhasimende ethu,” kusho yena. Amakhasimende akhe amakhulu yizimakethe nabantu bendawo. 

Amaklabishi eKgakgara Holdings Farming kudedangendlale womhlaba

Into ayithanda ngebhizinisi lakhe wumuzwa wokuphelela nokukhula okwenziwa wukulima nokuzisebenza. Uthi kuyamjabulisa ukubona umphumela wokuzikhandla kwakhe emhlabeni nasemphakathini.

“Enye yezinselelo ezinkulu engibhekana nazo wukushintsha kwezinto kule mboni yezolimo nokuqinisekisa ukuthi umkhiqizo usezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi,” kusho uMalope.

Unezisebenzi eziwu-22, okubalwa umndeni wakhe nabantu bendawo yangakubo. 

Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi basebenzise amathuba abawatholayo ukwenza abakuthandayo. Uthi uma befuna ukukhula kufanele bayeke okwenza banethezeke kodwa basebenze ngokuzikhandla kwabakholelwa kukhona nasemakhonweni abo. 

“(Ngifisa) ukwandisa amandla okukhiqiza epulazini lami, ukuhlukanisa izitshalo zami nokuhlola izimakethe ezintsha. Ngingathanda ukwandisa izisebenzi zami futhi ngifake isandla emnothweni wendawo,” kusho uMalope.

Facebook: Kgakgara Holdings farming 

Tiktok: Kgakgara Holdings farming

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page