Umakadebona emabhange ahlukene uyoshintsha izinto eNedbank
YINTATHELI YOMBELE
I-NEDBANK imemezele ukuqokwa kukaNks u-Andiswa Bata abeyi-managing executive for Business and Commercial Banking kuleli bhange.
Ithe ukuqokwa kukaNks uBata kuhambisana nezinhlelo zayo zokushintsha umsebenzi ezinhlelweni zayo ze-Retail and Business Banking ne-Nedbank Wealth. Loku kuholele ekutheni kubenamaphiko amabili i-Personal and Private Banking ne-Business and Commercial Banking (iBCB).
Ithe ukushintsha kwayo umsebenzi kuzoyisiza ukuthi ilethe imikhiqizo emisha, ebeka amakhasimende phambili embonini yezimali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/30/zikhwele-kunksz-umoahlodi-enew-development-bank/
UNksz uBata uwumakadebona embonini yamabhange njengoba esesebenze iminyaka ewu-18, egxile kwi-business and investment banking.
Uchazwe njengomuntu owuthandayo umsebenzi othanda ukuthi bonke abantu babeneqhaza emnothweni, lapha kubalwa ukusiza nokusimamisa osomabhizinisi abasafufusa. Uke wasebenza e-Absa Capital naseStandard Bank CIB, egxile kwi-debt structuring, syndication & distribution nasezimakethe zokuhweba.
Okwamanje usebenza eFNB, lapho eqale khona ngo-2018. Ubenezikhundla ezihlukene kuzekubemanje njengoba eyisikhulu seFNB Business Segments. Uneziqu i-Bachelor of Business Science azithola e-University of Cape Town.
Isikhulu esiphezulu seNedbank Group uMnu uJason Quinn sithe ukuqokwa kukaNks uBata kulandela ukubheka umuntu oneziqu ezifanele. Sithe bazomlinda aqedele isikhathi okufanele asisebenze nomqashi wakhe bese ezoqala eNedbank.
“Sesilindele ukuthi azosebenza nathi eNedbank futhi ngithemba ukuthi ngaphansi kobuholi bakhe uphiko lwethu olusha iBCB luzodlondlobala, lunike namakhasimende ethu konke akudingayo.”

