Kulindeleke isinqumo seBhange lomBuso sicacise ngokwehla kwamandla emali
YINTATHELI YOMBELE
LELI sonto lizobaluleka kwiBhange lomBuso, ngenxa yamalungiselelo angaphambi kwesinqumo sangomhlaka-23 kule nyanga sekomiti elithatha izinqumo ngemalimboleko iMonetary Policy Committee wangomhlaka-23 kule nyanga.
Okubaluleke kakhulu kuleli sonto eNingizimu Afrika kuzobawuphuma kwezibalo zocwaningo lweBureau for Economic Research zangekota yesithathu ngokwehla kwamandla emali ngoLwesithathu. Ithemba lanyuka ngekota yesibili ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli, okwenza kubemqoka ukubona aseqala ukwehla yini noma aqhubeka kanjalo.
Kuzobhekwe isimo sokukhula komnotho ezweni. Izibalo zezimpahla ezidayiswa ezitolo zangoJulayi zizokhombisa ukuthi imizi yabantu namabhizinisi bebenesidingo esingakanani sokuthenga ngekota yesithathu, kuthi inkomba yabathengi yangekota yesithathu ikhombise ukuthi abathengi bebemagange kangakanani ukuthenga ngesikhathi sokunyuka kwamanani kaphethroli.
Phesheya, isinqumo sangoLwesithathu sebhange lombuso laseMelika iFederal Reserve Bank ngemalimboleko sizobamqoka kwiBhange lomBuso laseNingizimu Afrika.
Isinqumo sangale nyanga sebhange lombuso laseMelika sinokucophelela, njengoba izibalo zezisebenzi zidinga ukuthi kuqiniswe izifociya kanti ezokuqhubeka kokwehla kwamandla emali nazo zimqoka kwisinqumo seziphathimandla.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/07/kuzobhekwa-izibalo-zomthamo-womkhiqizo-wezwe-wekota-yesibili/
Khona phesheya belu, iBank of England izomemezela isinqumo sayo ngenqubomgomo ngoLwesine. Ngemva kokumisa izinga lemalimboleko ku-3,75% ngoJulayi, kulindeleke ukuthi ingayikhuphuli.
Isinqumo seBank of Japan ngemalimboleko ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi sibhekwe ngabomvu kunokujwayelekile. Ngemva kokuvumelana kweJaphani neMelika ngoJulayi ukuthi bafukele i-yen eyayehle kakhulu eminyakeni ewu-40, umgcinimafa waseMelika uMnu uScott Bessent ulibeke ngembaba ukuthi kufanele i-yen ibenamandla nokuthi iJaphani kudingeka isukumele ukulungisa isimo semali yayo.
Ukunyusa imalimboleko kwebhange lombuso laseJaphani kungayisiza imali isimame kodwa kungabanomphumela kumanani ama-bond. – Le mininingwane itholakale kwiBurea for Economic Research

