Isikhulu esiphezulu seStandard Bank Group nezinye izikhulu sebezohlala isikhathi eside ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngemva kwezinguquko ezimenyezwele yile nkampani. Isithombe: Sithunyelwe

Izikhulu zeStandard Bank zilulelwe isikhathi sempesheni

YINTATHELI YOMBELE 

NGEKE usheshe ufike umhlalaphansi ezikhulwini zeStandard Bank Group emva kokuthi le nkampani imemezele ukuthi inyusa iminyaka yokuthatha umhlalaphansi wezikhulu zayo kusuka kwewu-60 kuya kwewu-63. 

Lolu guquko luyingxenye yezinhlelo zaleli bhange elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla zokuheha nokugcina nokuqeqesha abantu abamanakhono adingekayo kulo mkhakha.


Esitatimendeni nabezindaba iStandard Bank Group ithe lezi zinguquko zizoqala ngoJanuwari wonyaka ozayo kodwa abanye abasebenzi abangekho ezikhundleni zobuholi basazothatha umhlalaphansi ngeminyaka ejwayelekile, okuye kube ewu-60. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/17/isikhwama-sempesheni-sezisebenzi-zikahulumeni-igovernment-employees-pension-fund-sizonyusa-impesheni-ngo-5-55-kusukela-ngenyanga-ezayo-ngokomthetho-kufanele-le-mali-inyuke-okungenani-ngo-75-wenani-la/

I-Standard Bank ithe lezi zinguquko zizoqinisekisa ukuthi leli bhange likwazi ukuncintisana nezinye izinkampani emhlabeni jikelele. Ithi kukhombisa ngokusobala ukuthi izidingo zobuholi ziyaguquka futhi kufanele kubenabaholi abanamava, abanolwazi olunzulu ngalo, abazokwazi ukuqinisekisa ukukhula kwayo ngokuletha izinguquko ezifanele nezizolenza likhule isikhathi eside. Zizoqinisekisa nokuthi iStandard Bank asisali ngemuva embonini esikuyona ehlale iheha abantu abanamakhono namava.

I-Standard Bank ngonyaka odlule sinqobe indondo i-Forbes World’s Best Employers, esikubonile wukuthi uma abantu besebenza isikhathi eside, baphila kahle, babenomdlandla futhi bahlale befuna ukusiza. 


Leli bhange linabantu abahlukene abanamathalente afanele futhi abazokwazi ukuhola ezikhundleni ezihlukene. Loku kuzolenza libesesimweni esifanele sokuncintisana nabasembonini yalo futhi liqhubeke nokudlondlobala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page