Yize uhulumeni uhlale ukhala ngokuthi awunamali yezibonelelo kodwa i-Institute for Economic Justice ithi kufanele zinyuke. Isithombe: Sithunyelwe

Bahlaba ikhwelo lokuthi uhulumeni unyuse izibonelelo

WUBONISWA MOHALE 

INHLANGANO eyenza ucwaningo nelwela ubulungisa i-Institute for Economic Justice (i-IEJ) ithi uhulumeni kufanele unyuse izibonelelo okungenani ziqale kuR796. 

Kuleli sonto le nhlangano ibesematheni njengoba iphinde yahlaba inhlabamkhosi ethi uhulumeni awunyuse izibonelelo ezitholwa ngabantu. 

Umkhulumeli we-IEJ uMnu uDalli Weyers uthe kudala baqala ukunxusa uhulumeni ukuthi unyuse izibonelelo zabantu ngoba unayo imali yokwenza loku.

“Akukona okokuqala sicela uhulumeni ukuthi unyuse izibonelelo. Sifuna okungenani siqale emalini ekhishwe yiStatistics South Africa ethi ukudla komuntu oyedwa ngenyanga kubiza uR796. Uma izibonelelo ziqala kule mali zizowenza umehluko kubantu,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/siluliwe-isikhathi-sokuvuselela-amakadi-ezibonelelo-zikahulumeni/

Ubalule ukuthi kuyacaca esitatimendeni sabo ukuthi isibonelelo esiwuR370 sabantu abangasebenzi nesiwuR560 sezingane azanele, yize iminingi imindeni ethembele kuzona.

I-IEJ ithe njengoba bewu-12.7 million abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi, kufanele uhulumeni ubanakekele futhi loku kuyilungelo labo elikumthethosisekelo. 

Mayelana nokuthi le mali izovela kuphi, i-IEJ ithi uhulumeni uyakwazi ukuhlela kahle izimali uma uzimisele. Yenze isibonelo ngokuhoxisa ukunyusa intela yezimpahla ngamawala. 

“Uhulumeni ungathatha imali kwezinye izinhlelo zawo ezingenamphumela omubi emphakathini. Ungakhokhisa izicebi intela, ukhokhise izimboni intela ethe xaxa futhi usebenzise intela yezimpahla ukutakula abampofu. Ukunyusa izibonelelo kungasimamisa umnotho ngoba abaziholayo bayibuyisela emnothweni leyo mali ngokuthenga ukudla,” kusho i-IEJ.

Umdidiyeli wezinhlelo kwiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (iPMBEJD) uMnu uMervyn Abrahams uthe bayahambisana nekhwelo lokuthi kunyuswe izibonelelo zikahulumeni ngoba zisiza imindeni eswele ukuthi ingabulawa yindlala.

“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi abantu abahola izibonelelo zikahulumeni basebenzisa ingxenye enkulu yemali yabo ukuthenga ukudla. Ezinye izitolo zizezidayise ukudla ngamaqoqo ukubaheha. 

“Ngaphezu kokuthi sifuna izibonelelo zikahulumeni zinyuswe kodwa sifuna abantu abaziholayo bahlome nangamakhono azobasiza ukuzingenisela imali,” kusho yena.

I-PMBEJD ike yenza uhlelo lokuhlomisa abantu abahola izibonelelo zikahulumeni ngamakhono kanti abanye sebenamabhizinisi amancane abasiza ukuziphilisa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page