Ikhomishini evikela abathengi iNational Consumer Commission ithi izimoto ezinenkinga, okubalwa amaMercedes-Benz, kufanele bazibuyisele emuva. Isithombe: Sithunyelwe

Sekutholakale ezinye izimoto ezinobuhixihixi

YINTATHELI YOMBELE

KUNGAKAPHOLI maseko ikhomishini evikela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC) izwakalise ukukhathazeka ngezimoto ezidinga ukubuyiselwa egaraji nakuba zisezintsha, izinkampani ezakha izimoto sezicele ukuthi kubuyisewe amaRange Rover Evoque namaMercedes-Benz egaraji. 

I-NCC ithi iJaguar Land Rover Limited icele ukuthi abantu babuyisele amaRange Rover Evoque ango-2021 kuya ngo-2024 bese kubanamanye akhiqizwe kulo nyaka. Kukholakala ukuthi amanye anenkinga ye-airbag engase iqhume uma kufanele ivikele umuntu. Loku kudalwa wukuthi ama-airbag awafakekanga kahle. I-NCC ithe i-airbag eqhumile ayimvikeli kahle umuntu uma kwenzeka ingozi ngoba ingakhipha umoya ongashisa abagibeli. 

I-Mercedes-Benz SA itshele iNCC ukuthi icela kubuyiselwe izimoto zayo ezidayiswe ngo-2023 okukhona kuzo iSL (232), EQS (297), GLC (254), S-Class (223) neC-Class (206). 

Kusolakala ukuthi ezinye zalezi zimoto zinenkinga kwi-fuse box, engahleliwe kahle. Ukungahlelwa kahle kwayo kungenza ukuthi izintambo ezixhunywe kuyona zingasebenzi kahle. Uma izintambo zingaxhumekile kahle kungenzeka imoto ivele icishe ngaphandle kokuxwayisa umshayeli, ishise ngokudlulele nokunganyusa izinga lokuthi yenze ingozi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/10/ikhomishini-yabathengi-inexhala-ngezimoto-ezidinga-ukuphindiselwa-emagaraji/

Ukhomishana osabambile kwiNCC uMnu uHardin Ratshisusu unxuse amakhasimende analezi zimoto ukuthi aziyise emagaraji aseduze nawo ukuze zizohlolwa mahhala. 

Khonamanjalo, iNCC ixwayise abathengi ngezinkampani ezidayisa imikhiqizo bese zingayidilivi. Ithe abantu kufanele baqaphele uma beyothenga kuzona. 

Ikhiphe uhlu lwezinkampani ezithatha imali yabathengi kodwa zihluleke ukubanika izimpahla abazithengile olukwi-website yeNCC ethi https://thencc.org.za/

Kuthiwa ezinye zazo zisuke zaziwa ukuthi zisebenza kuphi kodwa uma seziqala lo mkhuba wokunganiki abantu izimpahla abazithengile, zivele zinyamalale. Ezinye zize zicime nama-website azo, okwenza kubenzima ukuthi abathengi bazithinte ukuze basizakale.

I-NCC ithi abathengi bafake izikhalo kuyo bethi abazitholi izinkampani ezithintekayo. Ithi uma ukusukumela abathengi ayizitholi lezi zinkampani. Uphenyo lwayo luveza ukuthi sezivaliwe noma azikaze zibekhona. 

Ithe okwenziwa yilezi zinkampani kuphambene nomthetho ovikela abathengi i-Consumer Protection Act, ongahambisani nokukhohlisa nokuqola abathengi. 

Icele abantu ukuthi baqaphele uma bethenga izimpahla futhi benze isiqiniseko sokuthi bathenga enkampanini esemthethweni, elandela umthetho wokuvikela abathengi.

I-NCC isiqashe abantu abafuna lezi zigilamkhuba ezithintekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page