Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi iHollywoodbets Durban July izongenisa izigidi emnothweni wedolobha. Isithombe: Sithunyelwe

I-Hollywoodbets Durban July izongenisa uR700 million emnothweni wedolobha 

YINTATHELI YOMASIPALA 

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi indumezulu yomjaho wamahhashi iHollywoodbets Durban July (iHDJ) izongenisa uR700 million emnothweni wedolobha. 

Lo mjaho ozoba kusasa uzongenisa uR278m ngemali yokugembula nenye ezosetshenziswa ezindaweni zokubhejela amahhashi. 

“I-HDJ ibalulekile ngoba iyawenza umehluko emnothweni waseThekwini. Abantu abawu-4 000 bathole imisebenzi kanti umnotho waseThekwini uzothola uR700m ngenxa yalo mjaho. Abantu abagcini ngokudlala amahhashi kodwa bahlala emahhotela, bayodla futhi bavakashele nezinye izindawo,” kusho uXaba emcimbini obuseWestown Square, eNtshongweni, kuleli sonto. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/23/i-africas-travel-indaba-ingenise-ur547-million-ethekwini/

UXaba uthe izivakashi ezizoya kwiHDJ zizophepha ngoba amaphoyisa azobe eziqaphile ezokuphepha kuzo zonke izindawo, kusuka eGreyville, kuya ezindaweni zemicimbi ezisedolobheni nasemalokishini. 

Lo mjaho usiza abasikingqephu ukukhangisa umsebenzi wabo njengoba bethola umklomelo kaR250 000 osiza ukusimamisa amabhizinisi abo futhi bathola amakhasimende nokwaziwa yizinkumbi zabantu ezisuke zikulo mjaho. 

Usihlalo wekomiti lokuThuthukisa umNotho kokuHlela kumasipala uMnu uThembo Ntuli uthe: “I-HDJ yisikhathi sokukhangisa izindawo ezihlukene zaseThekwini. Sisuke sikhombisa umhlaba ukuthi siyindawo evelele ngokwenza imicimbi nokujabulisa abantu. Okuhle ngeHDJ wukuthi isingenisela imali futhi ivule amathuba omsebenzi asiza izakhamuzi.” 

Uphethe ngokuthi bangaphezu kuka-50 000 abantu abasuke beye kwiHDJ kanti amahhotela aseku-80% ngokugcwala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page