Ingqophamlando yama-medical aid yamakhosi aKwaZulu-Natali
YINTATHELI YOMBELE
UKUBONA amakhosi engabinemali eyanele yokuzinakekela futhi noma egula engakwazi ukuthola usizo olusezingeni elifanele kwenze ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natali uMfu uThulasizwe Buthelezi wathule isikhwama semphesheni ne-medical aid yamakhosi.
Lesi sikhwama esithulwe yilo mnyango ngokubambisana neStandard Bank sibekelwe uR18 million ozoqinisekisa ukuthi amakhosi awu-284 athola impesheni ne-medical aid.
UButhelezi uthule lesi sikhwama esiqanjwe ngokuthi Amakhosi Legacy Plan ngesonto eledlule oLundi.
“Ngesikhathi singena kulo mnyango sakubeka kwacaca ukuthi sifuna ukubuyisa isithunzi samakhosi nazo zonke izinhlaka zobuholi bomdabu. Sizobe sibambisene neStandard Bank, okuyiyona ezongamela ukusebenza kwe-Amakhosi Legacy Plan. Kulesi sikhwama amakhosi azothola impesheni, i-medical aid akwazi nokulondoloza imali ngezindlela ezihlukene. Loku kuzobuyisa isithunzi samakhosi, kuvikele imindeni yawo futhi kuwasize ukuthi abe nomhlalaphansi omnandi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/13/umnu-umpumelelo-zikalala-uchaza-ngomthetho-wokuthenga-nokudayisa-umhlaba-olawulwa-yinkosi/
Uthe ezinyangeni ezimbalwa ezizayo i-Amakhosi Legacy Plan izosiza izinduna nonobhala bezinkantolo zamakhosi ngoba nabo baneqhaza elibalulekile ekusebenzeni kobukhosi.
Ubalule ukuthi i-Amakhosi Legacy Plan izosebenza njengohlelo oluvikela amalungu eSishayamthetho.
Ubonge izikhulu zeStandard Bank nezisebenzi zaleli bhange zaseKZN ngokuqhamuka nomkhiqizo ofanele amakhosi wathi bazoqhubeka nokuwasiza ngendlela ezovikela ikusasa lawo.
Usihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu nabaholi babaThwa eKZN uMnu uSifiso Shinga ithe bayaluthakasela lolu hlelo bengamakhosi.
“Siyaluthakasela lolu hlelo ngoba luzosiza kakhulu imindeni yamakhosi nawo uqobo ngoba asebenzela izizwe zawo (kepha) kuthi uma esethatha umhlalaphansi angabinemali eyanele.
“Siyalubona ushintsho oluzanongqongqoshe seloku engenile. Uzanezinhlelo ezishintsha impilo yethu, ezisimamisa thina nezizwe zethu kuso sonke isifundazwe,” kusho yena.
Kulo mcimbi amakhosi athole ama-laptop, ama-printer ne-data njengoba kade ethola neziqu zawo emva kokuphothula izifundo zobuholi nokuphatha eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.

