Phansi amaphaphu ngokuvala kweMercedes-Benz South Africa
INTATHELI YOMBELE
UNOBHALA jikele wenyunyana yezisebenzi zensimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa uMnu u-Irvin Jim uthi azikho izisebenzi ezidilizwayo eMercedes-Benz South Africa.
U-Jim uthi beyinyunyana kudala babikelwa ukuthi ngomhlaka-24 wangoJuni kuze kube wumhlaka-30 wangoJulayi ifemu yakwaMercedes-Benz ese-East London, eMpumalanga Kapa, izomisa umsebenzi.
“Akusilona iqiniso ukuthi iMercedes-Benz ivale ifemu ngenxa yentela yezimpahla ekhokhiswa yona ngokudayisa izimoto eMelika. Iqiniso wukuthi njalo ngonyaka amafemu ezimoto abanesikhathi sokuvala ukuze izisebenzi zicijwe ngamakhono athile nokunika inkampani isikhathi sokubona izinhlelo zayo zonyaka ukuthi zizosebenza. Sikhathazekile ngokuqagela okukhona kokuthi ivaliwe ifemu, osekuthuse izisebenzi. Ifemu ayivaliwe, izosebenza makuqala u-Agasti,” kusho uJim esitatimendeni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/24/izisebenzi-zedenel-zifuna-ukubongwa-ngo-7/
Uthe izisebenzi zaseMercedes-Benz zizobezihola ngalesi sikhathi, yize imali ingeke ifane ngoba inkampani isavalile.
Uhlabe umkhosi wokuthi izinkampani ezikhiqiza izimoto kufanele ziholele izisebenzi imali efanayo uma zivale ngokohlelo lwazo lokuphucula umsebenzi. Ukhale ngokuthi akuthikamezeki nje kuphela izisebenzi ezakha izimoto kodwa nezinkampani ezisebenzisana nezinkampani ezenza izimoto, okungaba ezenza omata neminye imikhiqizo efakwa ezimotweni.
Uthe izisebenzi ngalesi sikhathi kufanele zikwazi ukuthola imali ebekelwe ukucija izisebenzi ngamakhono ye-Unemployment Insurance Fund. Uthi bazimisele ukulekelela izinkampani ukufaka izicelo zalo mshwalense ukuze izisebenzi zingaphazamiseki.

