I-Transnet Port Terminals inika intsha ithuba emnothweni
YINTATHELI YOMBELE
UKUKHOMBISA ukuthi ibalulekile intsha emnothweni, iTransnet Port Terminals (iTPT) ithi ibeke u6% wemali ozoyisebenzisa ukuthenga izimpahla nezinye izidingo emabhizinisini entsha. Itshale uR62 million ezinhlelweni zokucija amakhono ezisebenzi eziyintsha.
I-chief procurement officer yeTPT uMnu uBhekani Cele ithe: “Kubalulekile kwiTPT ukucija nokuhlomisa intsha ngoba ibalulekile. Sifuna ilethe uguquko oluhle kule mboni yethu baseNingizimu Afrika.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/imishini-kar3-4-billion-izophucula-izinga-lomsebenzi-etransnet/
Ngonyaka iTPT igxila ekuvuleni amathuba azofaka intsha, izinkampani zabantu besifazane nezabantu abakhubazekile emnothweni wasolwandle.
Phezu kwaloku ithathe intsha ewu-270 eyenze izifundo zobuchwepheshe, ezokuthenga izimpahla, ezohwebo, ezakwandabazabantu, ezokuxhumana, ezobunjiniyela, ezikagesi, abenza izigayo, ama-boilermaker no-fitter, yabafaka lapho isebenzela khona ukuze bakwazi ukuthola amava omsebenzi.
Okunye ekwenzile wukuxhasa izisebenzi zayo eziyintsha ngemifundaze yenani likaR8 million, ukuze bakwazi ukuthola iziqu zabo.
“Wonke amathuba esinawo akhangiswa kwi-website yenkampani kanti siye sigqugquzele abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bangeke kwi-website yethu,” kusho yena.
UCele uxwayise abantu ukuthi baqaphele amaqola ahlale ezama ukukhokhisela imisebenzi namathenda aseTransnet. Uthe i-email evela kumuntu osebenza eTransnet ngempela igcina ngamagama athi @transnet.net futhi izisebenzi zale nkampani azisebenzisi amaselula uma zenza umsebenzi wazo.