Inhloko ye-Enterprise and Supplier Development eStandard Bank uNksz uNaledzani Mosomane ithi bafuna osomabhizinisi abancane baKwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

I-Standard Bank nengqayizivele yethuba lokusimamisa osomabhizinisi abancane 

YINTATHELI YOMBELE 

YIZE iKwaZulu-Natali ivelele kwezohwebo kodwa kunzima kosomabhizinisi abaningi abancane nabasafufusa ukuhweba ezimakethe zamanye amazwe. Basabhekene nezinselelo eziningi, okubalwa ukungazi kahle imithetho yokuhweba yamazwe, ukungakutholi ukuxhaswa nokungabi nolwazi oludingekayo uma ufuna ukuhweba ngaphandle kwemingcwele yaseNingizimu Afrika. 

I-Standard Bank, ngophiko lwaso iBusiness and Commercial Banking, sisebenzisana neSouth African Chamber of Commerce and Industry (iSacci), sithule uhlelo lokucija osomabhizinisi abancane i-Export Readiness Programme

Imingenelo ivule izolo kanti izola ngoLwesithathu oluzayo lwangomhlaka-9 wangoJulayi. Kuzocijwa osomabhizinisi abawu-20 abazinze eKZN abazokwazi ukuhwebelana namanye amazwe, ukuze bakwazi ukuthola ulwazi nokusekwa okufanele ukudayisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe. 

Bazocijwa amakhono bese bethola izitifiketi ezikhombisa ukuthi bayakwazi ukudayisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe, bathole amakhono azosiza ukuthola ukuxhaswa nemali ehambisana nokuhweba futhi bakwazi ukungena ezimakethe zamazwe ase-Afrika lapho kusebenza khona iStandard Bank nangosizo lweSacci. 

FUNDA NALAPHA:
https://www.umbele.co.za/2025/03/10/i-buy-local-summit-and-expo-inika-osomabhizinisi-abasafufusa-amathuba/

Inhloko ye-Enterprise and Supplier Development ophikweni lweBusiness and Commercial Banking eStandard Bank ithe: “Osomabhizinisi abancane baseKZN bayakuthanda ukuhweba futhi basebenza ngokuzikhandla kodwa badinga ukucijeka ngendlela efanele ukuze bakwazi ukukhula ezimakethe zakwamanye amazwe.” 

Uthe lolu hlelo luzohlomisa osomabhizinisi ngezinto ezifanele zokwakha ubudlelwano, ukuphatha ngendlela nokukhula isikhathi eside ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika. 


Isikhulu esiphezulu seSacci uMnu u-Alan Mukoki sithe ikusasa lomnotho waseNingizimu Afrika lincike ekukhuleni kosomabhizinisi abancane. Sithe yingakho ubudlelwano babo neStandard Bank buzosiza osomabhizinisi abancane baseKZN ukuthatha igxathu elilandelayo lokuyohweba namazwe omhlaba. 

Uthe njengoba iKZN inamachweba amabili abalulekile futhi inezimboni zokukhiqiza ezihamba phambili, ezolimo izokwazi ukukhulisa uhwebo losomabhizinisi baseKZN nabakwamanye amazwe ase-Afrika futhi osomabhizinisi abancane kufanele babeyingxenye yalolu hlelo oluzobasiza ukuphumelela emhlabeni. 

Kafushane ngalolu hlelo:

Ukuvula kwemingenelo:30 Juni 2025
Ukuvala kwemingenelo:9 Julayi 2025
Kuthulwa uhlelo:17 Julayi 2025
Isibalo sosomabhizinisi:20 osomabhizinisi abancane baseKZN

Osomabhizinisi abancane abafuna ukuba yingxenye yalolu hlelo kufanele bangene kule link kungakadluli uLwesithathu lomhlaka-9 wangoJulayi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page