Osomabhizinisi besifazane bacijwa ngamakhono azobasiza ukuthi izinkampani zabo ziphumelele. Isithombe: Sithunyelwe

Umasipala uSHEshisa ukuvala igebe lokungalingani ngokobulili 

INTATHELI YOMBELE

UMASIPALA waseThekwini ngaphansi kophiko lokuThuthukisa umNotho, ubambisene ne-Innovate Durban, uthule uhlelo lokucija osomabhizinisi besifazane eMhlanga, eThekwini. 

Lolu hlelo olubizwa ngeSHEshisa 2025 Accelerator Programme luhlose ukubeka amabhizinisi abesifazane kwelinye izinga, elizowenza angenise imali. Kuqokwe abantu besifazane abawu-21 abazoba yingxenye.

Umqondisi wophiko olucwaninga ngomnotho uDkt u-Ajiv Maharaj uthe lolu hlelo lukhombisa ngokusobala ukuthi umasipala uzibophezele ukusimamisa umnotho nokuvala igebe lokungalingani.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/27/umasipala-uklomelise-osomabhizinisi-abavelele/

“Nakuba siwabona amandla okusungula izinto ezintsha ukuguqula impilo kodwa siyazi ukuthi abantu besifazane abaningi nentsha babhekene nezithiyo zokufinyelela ezintweni eziwusizo, yingakho siqhubeka nokweseka izinhlelo ezicija amakhono abo ngokugcwele,” kusho yena.

Lolu hlelo lubuye lusize ukuhlinzeka abesifazane ngomuntu ozobafundisa, ozocathula nabo ebhizinisini, basizwe ukuthola abantu abazobalekelela ukukhulisa amabhizinisi. 

Umsunguli weMisebe Agri-Services uNksz uNokukhanya Cele uthe iSHEshisa iyasiza ukukhulisa ibhizinisi lakhe. “Ngithola amakhono abalulekile futhi ngifuna ukusebenza nezinkulisa ukuze ngifundise izingane ukulima zisencane. Loku kuzozisiza ukuthola ikhono ezizolisebenzisa impilo yazo yonke,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page