Abantu besifazane kufanele baqinise ekutshaleni imali – umeluleki
YINTATHELI YOMBELE
ABANTU besifazane banegalelo elibalulekile ekukhuliseni umnotho nokondla eNingizimu Afrika. Njengoba beqhubeka nokusukumela ikusasa labo kwezezimali, ukutshala imali kusaloku kungenye yezindlela ezilungile zokwakha umcebo wakusasa, ukuzimela kwezezimali.
Nakuba abantu besifazane sebeyisukumela indaba yekusasa labo kwezezimali kodwa basebancane ekutshaleni imali. Imali eningi engatshalwa eNingizimu Afrika isezandleni zabantu besifazane kanti bavame ukubanemali eningi kunezimpahla ezingenisa imali.
Inhloko ye-Stockbroking eFNB Wealth and Investments uNks uPalesa Moletsane ithi: “Abantu besifazane namuhla bayahola, banamabhizinisi, bayakhula emsebenzini futhi bathatha izinqumo ezibalulekile ngezimali zabo. Kepha ukwakha umcebo akugcini ngokonga imali. Ukuyitshala kuyenza ikhule futhi isize abesifazane bazimele ngokwezimali, bakwazi ukushiyela izizukulwane ezizayo ifa.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/01/abantu-besifazane-sebeyithenga-kakhulu-imizi-ucwaningo/
Ucwaningo luhlala lukhombisa ukuthi uma kuziwa ngasekutshaleni imali abantu besifazane bavame ukuqaphela kunabesilisa. Nakuba ukuqikelela kungasiza kodwa ukuqaphela ngokwedlulele kunganciphisa amathuba okwakha umcebo , ikakhulu abantu besifazane abangazithola bephila isikhathi eside, ukuma emsebenzini isikhathi esithile, ukunakekela izingane noma abanye abantu noma ukuncipha komholo kwesinye isikhathi.
“Ngenxa yaloko abantu besifazane bajwayele ukudinga imali eningi. Ukutshala imali kumasheya nezinye izindlela zokutshala imali ezikhulisa umcebo kungabasiza ukuthi bakhe umcebo ngokuhamba kwesikhathi. Yize izimakethe zingashintsha kakhulu ngesikhathi esifushane, abantu abatshala imali ngokubekezela nokuhlala kwizinhloso zabo bavame ukuthola imiphumela emihle ngokuqhubeka kwesikhathi,” kwengeza yena.
Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukutshala imali yinto yabantu abanemali eningi noma abanolwazi olunzulu ngokwezimali. Ukutshala imali kungaqala ngemali encane futhi akudingi lwazi lobungcweti bezimakethe.
UNks uMoletsane ukhuthaza abesifazane ukuthi baqale ngokuzibuza umbuzo olula othi: ngiyitshalela ini le mali? Noma ngabe inhloso yokutshala imaliwukuzimela ngokwezimali, ukulungiselela umhlalaphansi, ukubekela imfundo yengane, ukuthenga umuzi noma ezinye izimpahla ezingenisa imali ukubanenhloso ecacile kukusiza ukuthi wazi indlela efanele yokutshala imali nokubekezela ngisho kushintsha isimo somnotho.
“Ukuhlela kusenesikhathi ngomhlalaphansi, ukutshala imali ukuze ikhule, ukwenza incwadi yefa nokulungiselela ikusasa lomndeni akukhona ukuzibeka wena kuqala kodwa yindlela yokuzinakekela nokwenza isiqiniseko sokuthi nabanye obathandayo bayavikeleka. Ukuma kahle kwezezimali kwenza umuntu akwazi ukukhetha izinto eziningi, akwazi ukubhekana nezinguquko kalula nokwazi ukubhekana nezimo ezingalindelekile empilweni,” kusho uNks uMoletsane.
Abesifazane abaningi sebeyaqonda ukuthi ukutshala imali akugcini ngokwenza inzalo. Kungabasiza bazakhele ikusasa elingcono, bakwazi ukuzimela futhi bashiyele imindeni yabo umcebo ozoqhubeka nakwezinye izizukulwane.
“Namuhla abesifazane banamathuba amaningi kunakuqala okuthola ulwazi nezinsizakusebenza zokufunda ngokutshala imali nokuqala ukuzitshala. Loku kubanika ithuba lokucabanga kabanzi ngekusasa labo kwezezimali, bazithathele izinqumo ngomcebo wabo futhi baqale ukutshala imali bazi ukuthi bafuna ukufezani.

