Ukhomishana osabambile weNational Consumer Commission uMnu uHardin Ratshisusu uthi bazoyifakela izibuko indaba yezimoto ezinezinkinga. Isithombe: Sithunyelwe

Ikhomishini yabathengi inexhala ngezimoto ezidinga ukuphindiselwa emagaraji

YINTATHELI YOMBELE

IKHOMISHINI elwela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC) ikhathazekile ngezinkinga zezimoto ezenza ukuthi zibuyiselwe emagaraji ziyolungiswa yize zisezintsha.

Kuleli sonto ukhomishana weNCC osabambile uMnu uHardin Ratshisusu uthe sekujwayelekile ukuthi izinkampani ezenza izimoto zicele abantu ukuthi bazibuyisele emagaraji ukuze kulungiswe okuthile.

“Kuyasikhathaza ukuthi izinkampani ezikhiqiza izimoto sezivamisile ukucela abathengi ukuthi babuyisele izimoto emagaraji ukuze kulungiswe okuthile. Sizokufakela izibuko loku futhi sesiqalile ukuxoxa nezinkampani ezikhiqiza izimoto ukuze siwulungise lo mkhuba. Sicela abantu babuyisele izimoto ezithintekayo emagaraji ukuze zilungiswe,” kusho yena. 

Uthe izinkampani zezimoto zimemezele ukuthi kufanele kubuyiselwe emagaraji iVolkswagen Golf, iVolvo neHino 500. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/24/kwandiswe-izindlela-zokusiza-abathengi-abanezinkinga-kwazulu-natali-uslindile-khanyile-nosimangaliso-ntshangase-bayabika/

URatshisusu uthe iVolkswagen South Africa (iVWSA) idinga ukuhlola izimoto eziwu-159 ezidayiswe phakathi komhlaka-16 wango-Ephreli nomhlaka-30 wangoJuni kulo nyaka. 

Kulezi zimoto kukhona iGolf 8 R2.0 TSI 7 speed DSG 235KW neGolf 8 GTI 2.0 TSI 7 speed DSG 180KW. I-VWSA ithi lezi zimoto kungenzeka ukuthi amabhande esihlalo sabagibeli esiphambili awafakiwe kahle ngenxa yephutha elenzeka ngesikhathi ethungwa. Uma ibhande lingafakekile kahle noma lingambambi ngendlela efanele umgibeli lingaholela ekutheni alimale kabi noma afe nokufa uma kwenzeka ingozi. 

I-Volvo South Africa ithe ifuna izimoto eziwu-26 ezingamaXC90 plug-in hybrid yango-2025 kuya ngo-2026. Kuthiwa amabhreki alezi zimoto kungenzeka angasebenzi kahle uma abashayeli bayo beyishayela ngokwe-B mode noma besebenzisa i-one pedal drive kwesebenza ngogesi kuphela. Loku kungenza ukuthi lezi zimoto zingabhreki uma zihamba endaweni eyehlayo, okungaholela ekutheni zenze izingozi ezingabeka engcupheni impilo yabagibeli nabanye abantu abasebenzisa umgwaqo. 

I-Toyota South Africa itshele iNCC ukuthi icela kubuyiswe izimoto zayo eziwu-6 662 zeHino 500 SKD series neziwu-77 zeHino 500 CBU series.  Lezi zimoto zidayiswe ngomhlaka-11 wangoMeyi kuya kumhlaka-14 wangoDisemba wango-2023, nangomhlaka-31 wangoMeyi wango-2018 kuya kumhlaka-25 wangoDisemba wonyaka odlule. 

I-Hino 500 SKD inenkinga yokufakwa i-cage bolt spanner engafanele. I-Hino 500 CBU yona ifike ingenayo i-cage bolt spanner.

I-Toyota ithe yize ibhreki lokupaka imoto lizoqhubeka nokusebenza uma kwenzeka lezi zimoto zibanenkinga kodwa ngeke ikwazi ukulidedela njengoba ithuluzi elifanele lingekho. 

URatshisusu unxuse bonke abantu abanalezi zimoto ezibalwe ngenhla ukuthi bazihambise amagaraji ukuze zizohlolwa ukuthi azinazo lezi zinkinga ezibaliwe. Loku kuzokwenziwa mahhala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page