UMnu uThando Volontiya, umsunguli weGQ Creamery yaseNewton Park, eGqeberha, eMpumalanga Kapa, eyenza u-ice cream. Izithombe: Zithunyelwe

Insizwa eyakhula ithanda ushukela iletha ubuMnandi emphakathini

WUTHOBILE ZWANE

UKUPHELELWA wumsebenzi nothando lwezinto ezikhala kahle kwabayisiqalo sezinto ezintsha kwinsizwa yaseMpumalanga Kapa eyaqala ibhizinisi lika-ice cream eflethini eGqeberha ngemali yokuthenga igrosa.

UMnu uThando Volontiya, oneminyaka ewu-41, wasungula iGQ Creamery eseNewton Park. Walivula ngo-2023, engazi ukuthi ngelinye ilanga leli bhizinisi liyokhula libeyisitolo esiyintandokazi.

Uthi waqala engenalo usizo noma imali eningi yokuqala ibhizinisi. Waqala kancane, efuna ukubona ukuthi abantu bazowuthanda yini. Namuhla amakhasimende athenga izibiliboco zika-ice cream ezihlukene okubalwa kuzona i-gelato, ama-bubble waffle ne-ice cream crêpe.

Uthi uthando lwakhe lwezinto ezimnandi lwaqala esemncane, ngesikhathi into encane efana nokuthola uswidi yayikwazi ukwenza usuku lwakhe lubengcono. “Ngakhumbula u-ice cream owawudume kakhulu, wonke umuntu efuna ukuwuthenga. Ngase sengiqala ukucwaninga ukuthi ngingaliqala kanjani ibhizinisi elifana nalo, kwabayilapho ngaqala khona,” kukhumbula yena.

Enye yezinhlobo zika-ice cream edlisa ngazo iGQ Creamery

Ekuqaleni uthi amakhasimende ayefika, athenge bese awudlela ezimotweni zawo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ibhizinisi laqala ukudonsa amehlo abantu bagcina sebezothenga bahlale esitolo sakhe.

Kwezinye izinto ezenza iGQ Creamery ibewundabamlonyeni kumakhasimende Umgowo Deluxe, ohlanganisa u-ice cream, iMagnum, amakhekhe, oswidi noshokoledi.Umgowo Deluxe uwuR110, iBubble Waffle iwuR90, iTriangle Waffle iwuR45, i-Upside Down Cup iwuR60, iSingle Scoop iwuR38, iDouble Scoop iwuR75 bese i-Ice Cream Sandwich ibawuR50.

Uthi abantu babengagcini ngokuthenga izinto zakhe ezimnandi kuphela kodwa bafuna nokuwushutha bawufake ezinkundleni zokuxhumana. Uthi lokhu kuhambisana nesiqubulo seGQ Creamery esithi “Bathi Simnandi”. Ngangifisa iGQ Creamery ingagcini ngokubayisitolo sika-ice cream. Bengifuna kubeyindawo lapho imindeni, abangani nabantu abasha behlangana khona, bajabule futhi kubeyisikhathi sokukhunjulwa,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/10/11/usenebhizinisi-lika-ice-cream-elikhulayo-owaqala-ukuwenza-ngoba-ezijabulisela-umyeni-wakhe-uxoxe-nozimbili-mazibuko/

Uthi ukuze aqinisekise ukuthi imikhiqizo abayenzayo isezingeni, waqhubeka nokufundela lo msebenzi. Yize okuningi wazifundisa kona, unesitifiketi saseCarpigiani Gelato University sokwenza i-gelato, i-dessert yesiNtaliyane eyenziwa ngobisi oluqandisiwe. “Ngangifuna ukuqinisekisa ukuthi asenzi nje ibhizinisi lika-ice cream elivamile kodwa senza yonke into ngendlela efanele,” kusho yena.

I-Ice Cream Sandwich ngenye yezinto ezithandwayo zeGQ Creamery 

UVolontiya uthi kudingeke ukuthi afunde ukuphatha izindleko, izisebenzi, abadayisi nezinye izinto ezihambisana nokuphatha ibhizinisi. Uthi izinselelo zimfundise ukuthi kubalulekile ukwazi ukuthi imali yebhizinisi ingena futhi iphume kanjani, ukulalela amakhasimende nokuzivumelana nezimo. Namuhla, uthi useqashe izisebenzi zesifazane ezine ngokugcwele.

Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ngokuthi akufanelele balinde bazebabenayo yonke imali noma zonke izinto abazidingayo ngaphambi kokuqala. “Asikho isidingo sokulinda usizo noma uhlelo lwebhizinisi ukuze uqale. Qala noma kunjalo, noma kuphi noma nini.”

Ufisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe ukuze angagcini ngokudayisa kule ndawo kodwa afinyelele nasezindaweni zokudlela nakwezinye izitolo ezinkulu. “Ngifisa ukubanefemu noma isikhungo lapho kuzokwenziwa i-ice cream khona ngisize nabanye abantu ukuthi bafunde amakhono,” kuphetha uVolontiya.

Facebook: GQ Creamery 14th Avenue 

Instagram: @gqcreamery_4thave

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page