Inhloko nesikhulu esiphezulu seNational Financial Ombud Scheme uNkk uReana Steyn uthi bayasiza uma amabhange nemishwalense kugoloza ukuxazulula izinkinga zabathengi. Isithombe: Sithunyelwe

Babuyiselwe uR328 million abathengi abazi amalungelo abo

WUBONISWA MOHALE 

IHHOVISI lomxazululi wezinkinga ezithinta izikhungo zezimali iNational Financial Ombud Scheme South Africa (iNFO) libuyisele abathengi abakhale kulona ngezikhungo zezimali uR328,5 million.

Lezi zindaba zidalulwe yinhloko yeNFO nesikhulu esiphezulu uNks uReana Steyn embikweni wakhe omusha. 

UNks uSteyn uthe ihhovisi labo lasungulwa emva kokuhlanganisa abaxazululi bezinkinga ezithinta amabhange, umshwalense wesikhathi eside nowesikhashana. 

Usizo abalunika abantu lumahhala kodwa ngaphambi kokuthi umuntu adlulisele inkinga yakhe kwiNFO kufanele abe esenike isikhungo noma inkampani akhala ngayo isikhathi esanele sokuxazulula inkinga yakhe. 

Uthe phakathi komhlaka 1 wangoMashi wonyaka odlule kuya kumhlaka-31 wangoDisemba, iNFO yathola izikhalo eziwu-35 855 ezithinta amabhange nomshwalense. 

“Umsebenzi wethu wukuxazulula izinkinga zabantu ngokushesha futhi babuyelwe yimali ebalahlekele futhi benzelwe iqiniso. Lo R328 550 212,58 obuyile uhambisana nesibalo sezikhalo esizitholile. Kwizikhalo zamabhange sibuyise uR29 175 451,14, kwabatshelekisa ngemali sabuyisa uR2 355 840,20, umshwalense wempilo R202 854 491,24 bese kweminye imishwalense sabuyisa uR94 164 430,00,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/14/kumenywa-abakhokhintela-ngophenyo-lomkhonyovu-kwi-e-filing/

Uthe uphiko lwamabhange yilona olusheshisile ukuxazulula izinkinga. Beluthatha cishe izinsuku eziwu-52 ukuthola isisombululo, kuthi olwezikweletu luthathe izinsuku eziwu-79, olomshwalense wempilo luthathe izinsuku eziwu-152, kwathi olweminye imishwalense lwathatha izinsuku eziwu-177. 

I-Capitec iyona ebihamba phambili ngezikhalo njengoba abantu befake izimangalo eziwu-1 203 kanti uNks uSteyn uthe loku kwenziwa yizizathu eziningi okukhona kuzo nesokuthi inamakhasimende amaningi. Kulandela iFNB ngezikhalo eziwu-1 017, kuze iStandard Bank ngeziwu-998, iNedbank ngeziwu-881 kugcine i-Absa ngeziwu-812. 

Abantu bebekhala kakhulu ngezinkinga zama-current account, ama-personal loan, ama-savings account, ama-credit cards nama-home loan

Ukukhwabanisa yikona obekukhathaza abantu nokusindwa yizikweletu njengoba abanye bebekhala ngokuthi bayahluleka ukukhokha ngesikhathi. 

Abantu abanama-credit card bebekhala ngezindleko ezibizwa ngama-value added service ezikhulisa isikweletu kodwa emva kwesimangalo esifakwe kwiNFO inkampani ethintekayo izisusile lezi zindleko. 

Kwimishwalense izikhalo zomshwalense wezimoto bezihamba phambili, njengoba zenze u-62% wezikhalo ezingenile. Lapha bekubhekwa ukuthi abantu bebekwazi yini ukugwema izingozi nokunye okwenza izicelo zabantu zichithwe wumshwalense.

Kufakwe izikhalo ngama-warranty, kuthiwa eminye imishwalense ayifuni ukunxephezela abantu ngokulungiswa kwezinsimbi ezithile ezimotweni yize kunama-warranty abeka okunye, amacala okuntshontsha izimoto abewu-9% wezikhalo ezifakiwe. 

Umphathi wophiko lwemishwalense engathinti impilo uNkk u-Edite Teixeira-Mckinon uthe iSantam ihamba phambili ngezikhalo ezifakiwe. Kungene eziwu-684 ezithitna yona, kuze iStandard Insurance Limited ngeziwu-632, kulandele i-Old Mutual Insure Limited ngeziwu-613, kuze i-Absa Insurance Company Limited ngeziwu-560, kugcine iDiscovery Insure ngeziwu-501. 

Kumshwalense wempilo wempilo kubeneizikhalo eziwu-5 977. Izinkampani ezingenelwe yizikhalo eziningi yi-Old Mutual Life Assurance ethole eziwu-638, kuze iLiberty Group Limited ngeziwu-399, kuze iHollard Life Insurance Company ngeziwu-259, kuze iMetropolitan Life ngeziwu-216 bese kubayiSanlam Life Insurance Ltd ngeziwu-188.  Izinkampani ezingenhla ngebezihamba phambili ngezikhalo, okungasho ukuthi ezingabaliwe akukhalwanga ngazo. 

Olunye ulwazi lutholakala ku:  https://nfosa.co.za/ kanti inombolo kaWhatsApp ithi +27 (0) 66 473 0157.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page