Isikhulu esiphezulu seTransnet u-Adv uMichelle Phillips sinconywa ngokuphucuka kwesimo sezimali sale nkampani. Isithombe: Sithunyelwe

Izibalo zomnotho ziyisikhumbuzo sokuthi usemkhulu umsebenzi, kuloba uBusi Mavuso

IZIBALO zomthamo womnotho zekota yesibili kufanele zisidumaze sonke ikakhulu emva kwalezo zabantu abangasebenzi eziphume emasontweni amabili edlule. Ukwehla komthamo womnotho ngo-0,2% kubonisa ukuthi isimo sibi nokuthi mukhulu kangakanani umsebenzi osasihlalele.

Ezohwebo, ukukhiqizia nezimayini zehle zonke ngale kota, kwathi ezolimo zakhula kancane. Izimboni zikagesi nezokuthutha yizona ezenze kangcono. Ngihlale ngisho ukuthi umsebenzi esiloku siwenza kule minyaka edlule ukulungisa izisekelo zomnotho wethu uyadingeka kodwa awanele ukukhulisa umnotho.

Ugesi nezokuthutha okuthembekile kuyasiza ukukhulisa umnotho kodwa amabhizinisi kufanele akwethembe ukuze azibophezele ekutshaleni imali.

Yingakho isigaba sesithathu sokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni sigxile ekukhuliseni umnotho. Kusafanele ziphothulwe izinguquko ezinqala okufaka nenkampani ezimele yokusabalalisa ugesi iSA Wholesale Electricity Market nokusungula i-Transport Economic Regulator kodwa izinto seziphucukile ukuthi sekungagxilwa ekukhuliseni umnotho okungenzeka ngenxa yezinguquko. Izimboni ezimqoka njengezimayini, ezolimo, ezokuvakasha nengqalasizinda zingakwenza lokhu njengoba kunezingqinamba esezisusiwe kugesi nezokuthutha.

Loku kuhlanganisa izikhulu eziphezulu zamabhizinisi ezingaphezu kuka-30 ezizosebenzisana nohulumeni ukukhulisa umnotho. Sekuyiminyaka eminingi abatshalimali besaba ukuzibophezela ngoba bengazi ukuthi bangathembela yini kugesi nezokuthutha okudingekayo ukuthutha imikhiqizo yabo.

Bekufanele futhi benze kanjalo kodwa ukuvuselela ithemba kuthatha isikhathi nokutshengisa ukuthi ukuphucuka kwezinto yinto ezoqhubeka. Umsebenzi esizowenza nohulumeni uzolikhulisa lelo themba nomgomo wezohwebo nemizamo yokuqeda imidanti eminingi.

Izibalo zangesonto elidlule ziyisisekelo esingakhela phezu kwaso. Okuqapheleke kakhulu wukubaphansi kwemali etshaliwe njengoba ibewu-13,6% womthamo womnotho, okungaphansi ngo-0,2% uma kuqhathaniswa nekota yokuqala.

Kuleyo mali, eqhamuka embonini ezimele yiyona ebisimeme kodwa eqhamuka kuhulumeni nasemabhizinisini kahulumeni. Okunye okwenza loku wukuthi eminye imisebenzi ezimbonini zikagesi nezokuthutha zenzeka ngenxa yabatshalimali abazimele. Kodwa uhulumeni nawo unezinto ozibekele zona ofisa ukuzizuza mayelana nokuheha abatshalimali njengokusho kweSabelomali kodwa ezingenzekile. Sekufanele zenzeke manje ukuze umnotho ukhule.

Nokho ukwenza loko kufanele kubewukuthi amabhuku amabhizinisi kahulumeni ayavuma ukuthi itshaleke imali. Imiphumela ekhishwe yiTransnet ngesonto elidlule ibonise ukuthi isimo sayo sezimali siyaphucuka, nokuzokwenza iphinde ikwazi ukutshala imali ngendlela edingeka ngayo. Lo mbiko utshengise ukuthi ingenise inzuzo ewu-R4,6 billion uma kuqhathaniswa no-R1,9 bn owalahleka ngonyaka odlule. Lokhu kungenxa yokuvuma kwale nkampani ukusebenzisana nemboni ezimele eThekwini nokungenise u-R12,5bn, okucacisa ukuthi izinguquko zikwazi ukuthela ziphi izithelo. 

Nomthamo wezimpahla ezithuthwe yizitimela ukhuphukile, nakuba usengaphansi kokulindelekile. Ngifisa ukuhalalisela isikhulu esiphezulu seTransnet u-Adv uMichelle Phillips nethimba aphethe nalo ngale miphumela nokuthola umbiko wezimali omuhle, okungokwesibili iminyaka ilandelana nokutshengisa ukuthi kwenzekani uma imali iphathwa ngesinono.

Eminyakeni edlule, umbiko wezimali wawuthulwa ngaphandle kokudalula imali esebenze kungafanele, into eyekiwe kusukela ngonyaka odlule nokusho ukuthi umbiko usumuhle ngempela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/08/kuyaphucuka-ukusebenza-kwetransnet-ne-eskom/

Njengoba izinto seziphucukile nase-Eskom, izinkampani eziyisisekelo zisimamisa isimo sazo sezimali nokuzokwenza zikwazi ukuhlanganisa imali edingekayo ukutshalwa kwingqalasizinda entsha nasekutheni zikwazi ukuzimela.

Izibalo ngomthamo womnotho ziyisikhumbuzo sokuthi lena akuyona into evele izenzekele. Ukuphucuka kwengqalasizinda nezinguquko emigomweni yimibandela yokukhula komnotho kodwa akunasiqiniseko. Into ekhulisa umnotho wukutshala imali kanti ukuze loko kwenzeke kufanele amabhizinisibabenethemba. Ukukhulisa lelo themba kwabamabhizinisi, abatshalimali nabanye esihwebelana nabo yiwona msebenzi wesigaba esilandelayo. I-Business Leadership South Africa (i-BLSA) izibophezele kulowo msebenzi. Sesikhona isisekelo esingakhela phezu kwaso.

Kuyintokozo kimi ukwamukela ilungu lebhodi yethu elisha uMnu uHendrik du Toit, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-Ninety One. U-Du Toit uzobayingxenye yebhodi elivele libophele izikhulu eziphezulu nosihlalo bezinye zezinkampani ezihamba phambili eNingizimu Afrika, abahoi bamabhizinisi abahlonishwayo abazinikele ekusebenzeleni leli zwe ngokunikela ngesikhathi sabo, amakhono namava abo ekuqhubeni umsebenzi weBLSA.

Ngaphansi kobuholi bukaMnu u-Adrian Gore noNks uMpumi Madisa oyiphini lakhe, ibhodi yethu ihlanganisa abaholi abaqonda ukuthi amabhizinisi kufanele afake isandla kwikusasa lezwe. Ungafunda kabanzi ngaleli bhodi lapha. Sikubheke ngabomvu ukusebenzisana noDu Toit.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page