UmNyango wezaseKhaya ukhumbuza abavoti ukulungisa omazisi ngaphambi kokhetho
YINTATHELI YOMBELE
UMNYANGO wezaseKhaya unxusa abantu abangakabinomazisi ukuthi bafake izicelo manje ngaphambi kokhetho loHulumeni beNdawo oluzobamhlaka-4 wangoNovemba.
Lo mnyango unxuse abantu abafake izicelo zomazisi kodwa abangakabalandi ukuthi baye emahhovisi omnnyango ukuyobalanda ngokushesha.
Abantu abalahlekelwe omazisi noma abanomazisi abalimele banxuswa ukuthi bafake izicelo ezintsha ngokushesha ngaphambi kokhetho. Bangaya emahhovisi omNyango wezaseKhaya noma emagatsheni amabhange angaphezu kwawu-450 asebenzisana nomnyango ukuze bathole omazisi abasha, bangalindi emathonsi abanzi ngokhetho.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/09/bangaphezu-kuka-142-000-abazongenela-ukhetho-lohulumeni-bendawo/
Abantu bangavakashela ku- https://myhomeaffairsonline.dha.gov.za/partner-branch ukuthola igatsha lebhange eliseduze nabo lapho bengathola khona lolu sizo.
Umnyango unxusa abantu abanomazisi ukuthi bakhuthaze amalungu emindeni, abangani nabantu abasebenza nabo abangakabinamazisi oyikhadi ukufaka izicelo zabo manje nokuqinisekisa ukuthi babathola ngaphambi kokhetho.
Ungqongqoshe womNyango wezaseKhaya uDkt uLeon Schreiber uthe kubalulekile ukuthi abantu babenomazisi ofanele ukuze bakwazi ukuvota okhethweni oluzayo.
Uthe lo mnyango usuwenze kwalula ukufaka izicelo zomazisi njengoba usizo selutholakala emagatsheni amabhange angaphezu kwawu-450. “Nginxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise leli thuba ukufaka izicelo zomazisi oyikhadi futhi basheshe ukulanda omazisi,” kusho yena.


