‘Qiniseka ukuthi uyayitshala enye imali engenayo’
Kuleli sonto kaSAZIWAYO NEMALI siphethe u-Aluta Humbane, umculi we-Afro soul, isishoshovu samalungelo abantu abathandana nobulili obufanayo, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, umthwebuli wezithombe, imbongi, umbhali, usebenzela iGay & Lesbian Centre futhi uwusomabhizinisi.
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa imali. Ngikhulele eduze kwabantu ababephana kakhulu futhi benomusa. Umuntu owayengipha imali kakhulu wubaba, ikakhulu uma ephuzile. Wayethi angizithathele esikhwameni sakhe semali. Ngangiyiphiwa kubo kaMa uma kuyisikhathi sikaKhisimusi. Ugogo wayebhaka amakhekhe, enze no-popcorn athi asiyodayisa bese engiholela emalini engiyidayisile.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngicabanga ukuthi ngaqala ngino-16, ngisebenza eSpur ngiwuweta ngamaholidi eMhlanga. Ngangidinga i-akhawunti la engizoholelwa kuyona, Ngaqala ngaholelwa ngemvilophu, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi ngavula i-akhawunti e-Absa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/07/beka-eqhulwini-okudingayo-ngemali-hhayi-okuthandayo/
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngisemncane kwakufanele ngiyisebenzele imali. Ngiyababonga kakhulu ugogo noMa ngokungifundisa ukuthi imali awuyicoshi futhi awuyiceli. Loko kungenze ngakhula ngangabanomqondo wokuthi kufanele nginikwe izinto kodwa ngaqonda ukuthi kufanele ngizisebenzele. Ngikhula ngafunda ukuthi imali ingase ingabiyisisekelo senjabulo kodwa iyisisekelo senhlonipho namandla nokwenza lula. Ngenxa yaloko idinga ukuphathwa ngokucophelela okukhulu, ikakhulu uma usakhula ngoba waqala ukuyithola okokuqala ubanokuthi ayisoze yaphela.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
(Ngasheshe ngaqala ukusebenza). Ngawunika uMa, enye ngasiza ukulungisa ekhaya ngase ngidla ushintshi emva kokwenza izinto ezibalulekile.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukutshala kimina, ukutshala ekuzithuthukiseni ukwenza imali yami ukuthi ikhule. Ngemali engayithola emva kokuyeka ukufundisa, ngathenga izinsizakusebenza ezifana nezinto zase-studio, ikhamera, i-sound, izinto ezisangingenisela inzuzo namanje.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuphana kakhulu nokucabanga ukuthi uma upha abantu nabo bazokupha. Benginikela kakhulu ngemali, nginomusa, ngagcina sengipha abantu ebengibathuthukisa kakhulu kunokuthi bakwazi ukuzimela.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze. Ngihlale ngihambela kude uma kuza kulezo zinto zemali. Angikholelwa kuzona.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Yenza isiqiniseko sokuthi imali oyitholayo uyayitshala noma u-40% ukuze uthole izithelo ezinhle. Ngangizizwa kudala sengathi uma uthanda imali unedimoni noma unosathane kodwa ngabona kuwubudlelwano obanabonemali inkinga, hhayi indlela obayiyona uma unemali ebalulekile.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayithatha ngiyitshale emabhizinisini ami asebenzayo, ngivale izikhala lapho kudingeka khona, ngiqedele i-B&B engiyakhayo nokunye engikuzamayo ngoR800 000. Emva kwaloko ngibone ukuthi yiziphi izikhala engingazivala ekhaya, uma kudingeka imisebenzi edinga ukwenziwa ngisize.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Uma imali ungayiphathanga kahle, iyaphunyuka esandleni. Uma ungakwazi ukuphatha kahle uR50, uma kuthiwa unikwa i-billion, ngeke ulisebenzise kahle. Kuqala ngo-2 bhobho, ishumi ukuze ukwazi ukuphatha kahle imali. Uma sisebenza, asisebenze kanzima ukuze sishiyele imindeni yethu okuthile.