Umsikingqephu osemusha uNksz u-Andile Cele akakholwa ukuthi wuyena owine umfundaze kaR70 000 ohambisana nemihlomulo ezomsiza ukuthi ibhizinisi lakhe lemfashini liphumelele. Isithombe: Sithunyelwe

I-HDJ ingenise uR840 million emnothweni waseThekwini


YINTATHELI KAMASIPALA 

IZIBALO zikaMasipala waseThekwini zikhomba ukuthi umjaho wamahhashi omkhulu eNingizimu Afrika, iHollywoodbets Durban July (iHDJ) ungenise uR840 million emnothweni wedolobha. 

Kulo mjaho obungempelasonto bekunabantu abawu-45 000 baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe. 

Kungene uR288m osetshenziswe ngabantu akade beze ngqo kulo mjaho, okubalwa ababhejele amahhashi nokunye. Uvule amathuba omsebenzi awu-5 500 asize abantu baseThekwini ukuthola amatoho ngalesi sikhathi.

Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe izivakashi zikujabulele ukubaseThekwini elifudumele, elihle futhi alinabantu abanempatho. Ezokuphepha beziqinile njengoba amaphoyisa ebeqaphe isimo futhi nesiminyaminya singekho. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/04/i-hollywoodbets-durban-july-izongenisa-ur700-million-emnothweni-wedolobha/

Abasikingqephu abasalanga ngaphandle njengoba bebephume ngobuningi babo ukuzoncintisana. Umncintiswano wemfashini ubuhlelwe wumasipala ngohlelo lwawo lokusiza abasikingqephu iDurban Fashion Fair (iDFF) usebenzisana neHollywood Foundation. 

Imiklomelo bekungeyabasikingqephu abanamakhono okuletha imisiko ekhangayo egqokwa emjahweni wamahhashi. 

Umsikingqephu waseMgungundlovu uNksz u-Andile Cele, ofunda eMgungundlovu TVET College, udonse amehlo abantu ngomsiko wakhe obuhlonipha iciko lomNdebele elidume umhlaba wonke uDkt u-Esther Mahlangu. UNks Cele uwine umklomelo ozomyisa embukisweni wemfashini omkhulu ezweni iSouth African Fashion Week, uthole umfundaze owuR70 000, ukungena ohlelweni lukamasipala lokufukamela abasikingqephu abanekhono iDFF 2025/26 neminye imiklomelo. 

UMnu uManqoba Mnguni we-Igoda Incubator College ulale indawo yesibili. Uthole umfundaze owuR50 000, kwathi uMnu uMpilo Sithole waseDurban University of Technology walala isithathu, wathola umfundaze kaR30 000. 
Isiyonke imiklomelo ibewuR277 000, kukhona neyokuthenga ezitolo zaseGateway Shopping Centre, imifundaze, imali nokuxhaswa ukufundela izifundo ekolishi.

Abasikingqephu bazobuye balekelelwe ngokukhangisa kwiDFF bahlome nangamakhono azobasiza ukuphumelela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page