Ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi akukho okushintshile ngesimo sebhange Ithala njengoba izindaba zalo zisenkantolo. Isithombe: Sithunyelwe

Kuvaleleke izimali zestokfela nezamabhizinisi e-Ithala – amakhasimende

WUBONISWA MOHALE

UJULAYI yinyanga yokonga imali kodwa izinhlelo zokonga zabantu abalondoloza imali ebhange Ithala ziphazamisekile njengoba kunamacala asezithebeni zenkantolo ngekusasa laleli bhange.

Kulindeleke ukuthi mhlaka-25 kule nyanga inkantolo ilalele isicelo sePrudential Authority (iPA) nesomlawuli sokuvimba ukusebenza kwebhange Ithala. 

Phambili inkantolo ibisilivumele ukuthi liqhubeke nokusebenza kodwa iPA ayihambisani naloku, kwazise ikhala ngokuthi leli bhange lisebenza ngaphandle kwemvume futhi alizange liyilandele imibandela ebiyenza ukuthi livunyelwe ukusebenza ngaphandle kwelayisensi yamabhange.

Ukuzwa ukuthi lesi simo sibaphazamisa kanjani abantu abanama-akhawunti, Umbele uxoxe noNksz uSethembile Mncube waseMgungundlovu, ilungu lestokfela i-Okhalweni Mix Club esineminyaka ilondoloza imali kuleli bhange.

“Minyaka yonke silondoloza imali yethu ebhange Ithala. Sakhetha lona ngoba linenzalo enhle. Sibenenkinga kulo nyaka ngesikhathi iBhange loMbuso limemezela ukuthi limisa ukusebenza kwalo. Kusukela lapho asikwazi ukuqhubeka songe imali yethu futhi nalena ebesesiqalile ukuyifaka asikwazi ukuyithola. Siyasiphazamisa lesi simo ngoba njengoba kuqhubeka amacala asikwazi kwenza lutho kwi-akhawunti yethu,” kusho yena.

Uthe ufisa ukuthi iBhange lomBuso linike Ithala ilayisensi yokusebenza njengebhange ngoba libalulekile ebantwini baKwaZulu-Natali. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/12/inkantolo-iphinde-yavuna-ithala/

Usomabhizinisi ongathandanga ukudalulwa uthe ugcine ephoqeke ukuthi avule i-akhawunti kwelinye ibhange ngoba imali yakhe ebisebhange Ithala akakwazi ukuyithinta okwamanje. 

“Kuphoqe ukuthi ngivule i-akhawunti kwelinye ibhange ngoba bengingakwazi kwenza lutho. Bengingakwazi ngisho nokuholela abasebenzi ngoba imali yebhizinisi ibingena kwi-akhawunti yami yase-Ithala. 

“Siyasiphazamisa lesi simo ngoba besixhaswe yi-Ithala Development Finance Corporation sase sivula ama-akhawunti e-Ithala Bank. Loku bekwenza impilo yethu ibelula kodwa manje sesisebenzisa elinye ibhange,” kubalisa yena.

Uthe imali ekuma-akhawunti abo batshelwe ukuthi bazoyithola uma sekuphothulwe amacala asenkantolo. 

Umbele uxhumane nabaphethe ezokuxhumana ebhange Ithala, bathumela isaziso ababesinike amakhasimende ngenkathi babechaza ukuthi iPA isifake isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo, eyayinqume ukuthi selingaqala ukusebenza ngendlela ejwayelekile. 

Okuqukethwe yisaziso: 

  • Lesi sinqumo senkantolo simayelana nokusebenza kwe-Ithala okuthinta ukubolekisa ngemali, umshwalense nemisebenzi ejwayelekile yokuqhuba ibhizinisi. Lesi sinqumo asikakuvumeli futhi asikakugunyazi ukuthathwa kwamadephozithi. Ukuthatha amadipozithi kusamisiwe kulandela ukungavuselelwa kwelayisense Ithala ebelisebenza ngaphansi kwayo, nokuchithwa kwesicelo se-Ithala yiPA sokuthola ilayisensi yokubayibhange ngokugcwele. Kunezingxoxo eziqhubekayo ezimayelana nokukhulula Ithala liphinde likwazi ukuqhubeka nokuthatha amadiphozithi. 
  • Ngenxa yokuphinda kwePA icele ukuthi kubuyekezwe isinqumo senkantolo i-akhawunti yakho isamisiwe ukusebenza (awukwazi ukufaka imali, nokuyikhipha noma ukwenza ama-transfer). Loku kumiswa kokusebenza kwama-akhawunti ase-Ithala kwenziwe i-repayment administrator (i-RA) ingalazisile Ithala. Loku kumiswa kuzoqhubeka kuzekutholakale isisombululo ezingxoxweni eziqhubekayo phakathi kukahulumeni wesifundazwe, iPA, iRA nomNyango weziMali kuhulumeni wezwe. 
  • Imali yakho isekhona kunoma iyiphi i-akhawunti owonga ngayo kodwa awukwazi ukuyikhipha ngenxa yokumiswa kokusebenza kwama akhawunti. 

Ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo eKZN uMfu uMusa Zondi uthe akukho okushintshile ngesimo sebhange.

Usho kanje ngemva kokuthi i-ANC ithe selihlengiwe Ithala futhi selizosebenza ngendlela ejwayelekile ngoba ikhulume nongqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana. 

“Sengikhulumile kaningi nongqongqoshe womNyango weziMali wangitshela ukuthi iPA neBhange lomBuso yizinhlaka ezizimele futhi ngeke akwazi ukugxambukela emsebenzini wazo. Akufanele sikhulume budedengu ngodaba lwebhange Ithala ngoba luthinta izimali zabantu,” kusho yena.

Uthe i-ANC kufanele ikhiphe ubufakazi bemvume yokusebenza yebhange noma incwadi egunyaza leli bhange ukusebenza ngaphandle kwemvume ngoba lezi zinto yizona ezidingekayo ukuze likwazi ukusebenza ngendlela ejwayelekile. 

Uphethe ngokuthi bazoya enkantolo ngomhlaka-25 wale nyanga, wathi akufanele kudlalwe ipolitiki ngalolu daba kodwa kufanele zonke izinhlaka ezithintekayo zikhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page