UNksz uHilda Mphelane, umsunguli weH&M Furniture yaseSiyabuswa, eMpumalanga, eyenza ifenisha yekhethelo engabizi kakhulu. Izithombe: Zithunyelwe

Owazifundisa wenza ifenisha yekhethelo engambi eqolo 

WUTHOBILE ZWANE 

UTHANDO lwefenisha enhle lwenza intokazi yaseMpumalanga ukuthi izifundise ukuzenzela eyayo.

UNksz uHilda Mphelane, oneminyaka ewu-25, waseSiyabuswa, wabanesifiso sokubanegumbi elinefenisha yekhethelo ayezozizwa ngalo ukuthi usekhaya. Wayenesiphiwo, uthando neso lezinto ezinhle, ngakho waqala ukuzenzela ifenisha. 

Lowo mbono omncane waba yisisekelo sokusungula iH&M Furniture ngo-2022. Uthi wafundela lo msebenzi kuma-video kuYouTube. Emva kokuzifundisa akazange alinde isikhathi esifanele ukuthi aqale ibhizinisi. Wavele waqala. Uthi abantu abaningi bawuthanda umsebenzi wakhe, base befaka ama-oda.

Namuhla, izandla zakhe zenza imizi ihlale ibukeke kahle. Wenza ama-headboard, ama-TV stand, ama-pedestal, osofa basekamelweni. Amanani efenisha yakhe aqala kuR1 700 kuya kuR9 000 kuye ngohlobo olufunwa ngumuntu. 

E-H&M Furniture zibuya kwenziwa ifenisha

Ngaphambi kokuvula ibhizinisi wayebamba lapha nalaphaya njengokudayisa izinto ezihlukene, ukucwala ubuso nokwenza izinzipho. Ngaphandle kokukhiqiza ifenisha, uwuthisha njengoba esebenza esikoleni esiseLimpopo. 

Uthi ukwenza imisebenzi ehlukene kwamnika amava nemali ayeyidinga ukuze alandele akuthanda ngempela.

“Ngangiloku ngifuna ukwenza okuzoletha umehluko hhayi kimi kuphela kodwa nakwabanye. Ngaleli bhizinisi, ngidala amathuba emisebenzi futhi ngenze umehluko nakwabanye.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/06/othanda-ukuzilawula-abantu-besifazane-nokuqoqa-intsha-wenza-ifenisha-yasendlini-ngezinto-ezilahliwe-uxoxe-nonqobile-ndlovu/

“Ngabona ukuthi kunesidingo sefenisha eyenziwa ngokufiswa yikhasimende, ngase ngivele nginalo ikhono. Ngazibuza ukuthi kungani ngingavele ngiqale?” kukhumbula yena.

Enye ifenisha eyenziwa eH & M Furniture 

Ibhizinisi lika uNksz uMphelane alidayisi nje ifenisha kuphela kodwa lisiza abantu bazizwe besekhaya. “Siyakuthanda ukwenza ifenisha ehambisana nesitayela somuntu. Ayiphathelene nje nokubukeka kahle kodwa imayelana nokwenza izindawo ezihlukene endlini zenze umnikazi wayo azizwe emnandi nasemoyeni,” kusho uNksz uMphelane.

Phakathi kwezinselelo abhekene nazo ubalule ezokuthutha, ikakhulu uma kufanele ahambise ifenisha ezindaweni ezikude nalapho esebenzela khona. 

Uthi usebenza nethimba elincane lezisebenzi ezinhlanu eziyitoho futhi usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa nokuheha amakhasimende. 

Uma umuntu efuna ukuzibonela ifenisha mathupha, uyabekisa ukuvakashela indawo yokusebenzela. “Sifuna abantu babenesiqiniseko, bakwazi ukuzibonela umsebenzi esiwenzayo, okwenza amakhasimende asithembe,” kusho yena.

Iseleluko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi wukuthi abaqale, bafake umfutho omkhulu. “Ayikho into eza kalula, kufanele usebenze kanzima ukuze kwenzeke,” kusho yena.

Isifiso sikaNksz uMphelane wukubanezitolo zefenisha kwezinye izifundazwe.

Facebook; Hilda Mphelane 

Instagram: @H&M Furniture

Tiktok: Hilda Mphelane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page