Amba eqolo amanani okudla – izakhamuzi
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kokuthi iPietermaritizburg Economic Justice and Dignity Group ithe igrosa enokudla okuwu-44 okudliwa yimindeni eminingi eNingizimu Afrika isibiza uR5 443.12, sixoxe nezinye izakhamuzi ngokunyuka kwamanani okudla.
Sixoxe nezakhamuzi zaseMlaza, ilokishi elikhulu kunawo wonke eThekwini, umasipala omkhulu kunabo bonke KwaZulu-Natali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/26/abesifazane-bayabalisa-ngokubiza-kokudla/
UNksz uXolisile Modisakeng wakwaF nohlala nezingane ezintathu uthe, ukunyuka kwamanani okudla yinkinga enkulu.
“Kuyabiza ukudla, ngeke ngiqambe amanga. Usuhamba noR1 000 ubuye nokudla okungaphelele. Uthi uthenga istashi, impumpu, ushukela… u-10kg usubiza kakhulu, uwuR200 uwodwa. Uma umuntu ekupha uR500, awuthengi ngisho i-combo, kuphuma i-combo yamaveji, angiphathi-ke okwenyama.
“Sengathi sizobulawa yindlala uma kunje. Nemisebenzi ayikho, ukudla kuyabiza. Amafutha nawo ayabiza. Sizobulawa amanani okudla abiza ngendlela eyisimanga,” kusho yena.
UMnu uSipho Shamase wakwa-A uthe: “Amaholo awanyuki, ahlale emi ndawonye. Ukudla kuyabiza ngempela futhi akukho kuhle loku. Angazi sizokwenza njani.”
UMnu uSiyanda Cele wakwaV uthe into yokunyuka kwezimpahla kanje imphatha kabi.
“Sigcina singasazi ukuthi sizoyithatha kuphi imali yokuthenga ukudla okubiza kangaka. Imali ebengikade ngiyisebenzisa emndenini wami bengigcina kuR800 kuya kuR1 100 kodwa manje angisakwazi. Imali ivele iphele nje ngezimaphlana eziwuhhafu wenqola,” kubalisa yena.