Kungene uR21.7 billion eNingizimu Afrika ngokudayisa izimpahla kwamanye amazwe
YINTATHELI YOMBELE
ININGIZIMU Afrika ingenelwe wuR21.7 billion owengeziwe ngokudayisa izimpahla kwamanye amazwe ngoMeyi.
I-South African Revenue Service iveze lezi zindaba kuleli sonto emva kokuqoqa lonke ulwazi ngezimpahla ezingenayo neziphumayo ezweni. Ithe uR21.7bn ongene ngoMeyi kungenxa yokuthi iNingizimu Afrika idayise izimpahla zenani likaR175.7bn kwamanye amazwe, yathenga izimpahla zikaR154.1bn kwamanye amazwe. Lapha kubalwa nohwebo olwenzeka phakathi kweNingizimu Afrika neBotswana, Eswatini, eLesotho neNamibia.
Kusukela ekuqaleni kwangoJanuwari kuzekubesekupheleni kukaMeyi kulo nyaka, imali ethe xaxa esingeniswe wukuhwebelana kweNingizimu Afrika namanye amazwe iwuR60.3bn, imali eyehle kancane kuR63.9bn owawusungenile ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izimpahla ezidayiswe kwamanye amazwe zenani eliwuR175.7bn zehle ngo-2,7% uma ziqhathaniswa nezenani likaR180.6bn kwezazidayiswe ngoMeyi wonyaka odlule. Izimpahla ezingene ezweni zehle ngo-2,5% zisuka kuR158.1bn zaya kuR154,1bn.
Uma kubhekwa izibalo zanyanga zonke, izimpahla ezidayiswa amanye amazwe zinyuke ngoR10.5bn noma u-6.3% zisuka kuR165.3bn zaya kuR175.7bn phakathi kwango-Ephrelil nangoMeyi. Izimpahla ezingene ezweni zinyuke ngo-1,2% noma ngoR1.8bn zisuka kuR152.3bn zaya kuR154.1bn ngesikhathi esifanayo.
Ukunyuka kwezimpahla ezidayiswa ngaphandle kunyuswe wukudayisa kwegolide, okumbiwayo njenge-platinum, ama-orintshi nezinye izithelo.
Izimpahla ezivela kwamanye amazwe zinyuswe wu-oyela ongahluziwe, amaselula ne-artificial corundum. Ukulungisa ama-voucher kwenze ukuthi imali engene ngokuhweba ebimenyezelwe ngo-Ephreli yehle isuka kuR14.1bn ibewuR13.0bn yehle ngoR1.1bn.