Isikhulu esiphezulu seSanlam Corporate uNkk uKanyisa Mkhize sithi ucwaningo lwale nkampani yomshwalense ngomhlalaphansi lukhomba ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abanamali eyanele yempesheni. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu baseNingizimu Afrika basebenza bazebagobe – ucwaningo

YINTATHELI YOMBELE

UCWANINGO olusha olwenziwe yiSanlam ngomhlalaphansi luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenze bazebabeneminyaka ewu-70 kuya kwewu-80 ukuze bakwazi ukongela impesheni. 

Lolu cwaningo olubizwa nge-Sanlam Benchmark lukhiphe umbiko walo wesi-44 ngokuphela kukaJuni.

Usihlalo webhodi yeSanlam Group uMnu uTemba Mvusi uthe ukungakhuli kahle komnotho, izimpi nokungaboni ngaso linye phakathi kwamazwe kwenza izinto zibenzima kuwo wonke umuntu. 

Uthe kulo nyaka bathole ukuthi u-59% wabantu okukhulunywe nabo bazwakhalise ukukhathazeka ngokungabi nemali eyanele yokuphila kahle uma sebesempeshenini. Bakhale ngokuthi ngeke babenemali yokuya ezibhedlela ezizimele noma yokuphila ngokwezinga abakulona besasebenza. 

Uthi laba bathu babona sengathi kufanele basebenze baze bafike eminyakeni ewu-70 kuya kwewu-80 ukuze baphumule kahle.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/03/wu-10-kuphela-wabantu-abazimisele-ukuthatha-umhlalaphansi-ucwaningo/

Isikhulu esiphezulu seSanlam Corporate uNkk uKanyisa Mkhize sithe ucwaningo lwabo luthole ukuthi u-11% wabantu abathola ulwazi lwezimali kongoti abaluleka ngezimali yilabo abasuke belethwe ngamafemu abawasebenzelayo. U-50% wabantu uthola ulwazi lwezimali kwi-internet

“Sithola abantu benza izinqumo ezishintsha impilo yabo ngaphandle kokuthola ulwazi lwezimali kubantu abagunyaziwe. Sibone ukuthi uhlelo lwe-two pot retirement lusizile ekwaziseni abantu ngomhlalaphansi. U-49% uthe wazi kabanzi ngalolu hlelo,” kusho yena.

UNkk uMkhize uthe ucwaningo luthole ukuthi u-60% wabantu ubuyekeze indlela owongela umhlalaphansi ngayo emva kokwethulwa kwe-two pot retirement. Loku kusho ukuthi u-66% wabantu usuyazi ukuthi unamalini, u-59% uqonda ukuthi imali yawo yongiwa kanjani. 

Uthe yize izinkampani eziningi zivumela abantu ukuthatha umhlalaphansi uma sebeneminyaka ewu-60 kuya kwewu-64 kodwa ucwaningo lwabo luthi ukuze abantu babenemali eyanele empheshenini kufanele bathathe umhlalaphansi uma sebeneminyaka ewu-80. 

Ucele abaqashi namathimba akwandabazabantu ukuthi asize ukufundisa abantu ngokubaluleka kokonga. Kufanele asebenzisane nezikhwama zomhlaphansi nongoti bezimali.

I-managing executive yeSanlam Corporate Umbrella Solutions uMnu uNzwa Shoniwa ithi abantu abakhulume nabo bathe baqala ukufuna ulwazi olunzulu ngomhlalaphansi uma sekusele iminyaka eyisishiyagalolunye ukuthi baye empeshenini. 

Loku kukhombisa ukuthi kufanele baqinise izinhlelo zokufundisa abantu ngokubaluleka kokongela umhlalaphansi. 

“Ucwaningo lwethu alukhulumi nje kuphela nezinkampani ezilondoloza imali neSanlam kodwa sithinta izikhwama eziningi. U-42% wabantu esikhulume nawo uthe zihamba kahle izinhlelo zawo zokongela umhlalaphansi. U-43% uthe uzokwazi ukuphila ezingeni elifanayo noma usuhleli phansi. Ezikhwameni eziwu-10 zempesheni esizicwaningile, eziyisithupha kuphela ezithe amalungu azo azokwazi ukuthatha umhlalaphansi uma eseneminyaka ewu-64 futhi aphile kahle,” kusho yena.

UShoniwa uthe abantu bathe bafuna ukufunda ngomhlalaphansi besesekoleni. “Abantu bayafuna ukwazi ngomhlalaphansi. Bafuna ukufunda ngawo besesesikoleni baze bayosebenza. Esikutholayo wukuthi iningi liqala ukuzwa ngendaba yomhlalaphansi uma umqashi enesikhwama sokongela impesheni,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page