‘Imali injengomuntu; iyanakekelwa’ 

Kuleli Sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uSandile ‘Flymotion’ Makhanya usomahlaya, usomabhizinisi, umnikazi we-podcast i-The Basement  Podcast With Sandile M kanti wake wabawumsakazi kwiGagasi FM

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Imali ngangiyintshontsha esikhwameni sikaMa. Ngangingantshontshi enkulu. Ngangitshontsha mhlawumbe osheleni no-2 bhobho. Enye into engangenza kahle kuyona kwakuwukungawubuyisi ushintshi. Uma ungawubuzanga, nami angiwazi.

Ngangibathanda labo baba ababethumana inyama bethi angiyoyikala ebhusha, bakuthume inyaka kaR50, mina ngangikala ekaR45. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Mhlawumbe ngama-90s. Kwakusekhona (ikhadi lasebhange okwakuthiwa i-eBank, ikhadi lami lahlala isikhathi eside lingenamali eStandard Bank).

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Into esengiyibonile ngemali wukuthi ifuna ukuthi uyithande. Uma usunayo kufanele uyinakekele ngoba injengomuntu. Uma uyixhaphaza iyabaleka. Ifuna umuntu okwazi ukuyinakekela, iwumuntu wesifazane.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/12/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sikuphathele-usimphiwe-shembe-usomahlaya-oshiya-abantu-bephethwe-yizisu-ngamahlaya-akhe/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ugogo wathi uma uthola umholo wakho wokuqala kufanele uwunike umuntu omdala ekhaya. Eyi mina ngalingeka ngawuphuza ngawuqeda. Ngamnika kowesibili.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga imoto. Imoto akuyona into yokutsaka, ibalulekile. Iyasiza kakhulu. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuya kumashonisa. Eish uyabona omashonisa waya kubo kanye, uzoya kubona njalo. Ukuphila ngomashonisa kuyinkinga. Yize kuyibona abasizayo emalokishini ngoba uyakwazi ukuya emsebenzini nsuku zonke kodwa kubi ngoba ubanesikweletu esingapheli. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo kakhulu koWhatsapp nokudlala i-forex. Ngalahlekelwa yimali eningi engingeke ngiyibale.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali yisebenzise kahle nayo izokuphatha kahle. Imali iyanakelelwa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingavula ibhizinisi, mhlawumbe i-franchise noma ngingakha imiqasho ngiqashise ukuze ibuye imali yami. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Lo mkhakha akuwona owodumo, ubukhazikhazi noma ukuphuma emaphepheni njalo. Ngelinye ilanga kuyoma, abantu bangakuniki imali ephelele. Kufanele ubenokunye eceleni okuzokwazi ukuthi kukwenzele enye imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page