UMnu uSibongakonke Mbongwe, umsunguli weLife4Good Farming yase-Adams Mission, eThekwini, KwaZulu-Natali, ipulazi lamaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubalekela izinto ezibhedayo kwamholela kwezolimo

WUTHOBILE ZWANE 

UMFANA waselokishini owayebalekela ukungena ezilingweni zomhlaba ngemva kokuqeda isikole namuhla usekhiqiza ukudla okutshalwa ngendlela yakudala.  

Umsunguli weLife4Good Farming uMnu uSbongakonke Mbongwe, waseZwelisha, e-Adams Mission, eningizimu yaseThekwini, uthi ngemva kokuphothula uMatikuletsheni wayengenayo imali yokuqhubeka nezifundo zakhe kanti waqaphela ukuthi abanye ontanga yakhe uma bengaqhubeki nezifundo bajika nelanga noma bahlale emakhoneni eMlaza, lapho ekhulele khona. 

UMbongwe, oneminyaka ewu-38, wasungula iLife4Good Farming ngo-2013 etshala amaveji ahlukene okukhona kuwona iklabishi, isipinashi, u-beetroot, ukherothi namanye, afuye izinkukhu futhi adayise namaqanda. 

“Ngaqeda uMatikuletsheni kodwa angibanga nayo imali yokuqhubeka ngifunde. Ngabona ukuthi nami akubekhona engisiza ngako ekhaya ngoba kukhona izingane ezingilamayo. Ngabona ukuthi imisebenzi ayikho, umuntu angase agcine esengena ezintweni ezibhedayo ezifana nezidakamizwa, ngase ngibuyela ekhaya e-Adams emhlabeni kamkhulu,” kulanda yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/01/ukhamba-lufuze-imbiza-kumlimi-omncane-ophatha-umhlabathi-ngothando/

Uthi wayebona abanye abalimi abancane ezinkundleni zokuxhumana, okuyibona abamsiza ukuthi abone ukuthi kuyaphileka kule mboni. 

Amaveji anempilo aseLife4Good Farming 

Phakathi kwezinselelo ahlangabezana nazo, ubala ukungalutholi usizo lwemali, ukungasebenzi ngendlela elungile kwezisebenzi zikahulumeni okufanele zisize abantu noma zibona ukuthi ibhizinisi lenza kahle.

“Bakhuluma kahle uma beze kuma-workshop asemphakathini kodwa uma usuya kubona uyocela usizo, usubhekana nabo ubuso nobuso, yilapho obona khona inselelo yangempela,” kusho uMbongwe.

Uthi ibhizinisi lakhe lihluke ngokuthi litholakala kalula kunoma ubani nezinto azikhiqizayo uzitshala ngendlela yakudala. Alisebenzisi ubuchwepheshe besimanje.

UMbongwe useqashe izisebenzi ezine ezimsizayo uma kumatasa, zonke ezasendaweni yangakubo.

Iseluleko sakhe kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi wukuthi babheke amabhizinisi asembonini abafuna ukungena kuyo, babone izinselelo zawo, babuke ukuthi ancintisana nobani babheke nendawo asebenzela kuyo.

“Ibhizinisi nebhizinisi liyayidinga imali encane ezolilekelela ukuseka loko okuncane ofisa ukukuqala ngoba kunzima ukuthola usizo lwemali uma usaqala. Kubalulekile nokwenza ucwaningo lwakho olunzulu,” kweluleka yena.

Ufisa ukhulisa umkhiqizo wakhe kakhulu ukuze akwazi ukuhlinzeka izitolo ezinkulu namazwe aphesheya. 

“Sengilwenzile ucwaningo, ngayobheka ezitolo ukuthi bafuna into engakanani ukuze ngikwazi nami ukubahlinzeka. Uma kuthiwa ngithola usizo lwezimali, kungaphela unyaka sengidayisa umkhiqizo wami nasemazweni aphesheya,” kuphetha uMbongwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page