UNksz uBawinile Nzimande, umnikazi weBidywooddesign, isitolo sezingubo saseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, esigxile ezimpahleni zokuzivikela emsebenzini. Izithombe: Zithunyelwe

Ukuthungelwa umbhedo kwamenza waqala ukuthunga izimpahla zokuzivikela

WUTHOBILE ZWANE

UKUTHUNGELWA izimpahla ezingekho ezingeni kwamenza wasungula ibhizinisi lokuthunga umswenko nezimpahla ezigqokwa ezibhedlela nakwezinye izimboni zokuvikela izisebenzi. 

UNksz uBawinile Nzimande, umsunguli weBidywooddesign, usanda kuvula ifemu yakhe nesitolo sezimpahla zokuphepha nomswenko esizindeni sezimboni kwaV Industrial Park kuleli lokishi elikhulu kunawo wonke eKZN. Abagcini ngokuthunga izimpahla zokuphepha kodwa benza nama-avaroli futhi bahlinzeke ngamabhuzu nezinye izimpahla zokuphepha.

I-Bidywooddesign imandla ngokwenza izimpahla zokuzivikela

Amakhasimende abo yiminyango kahulumeni nezitolo ezidayisa umswenko okubalwa i-Edgars, iLegit, iFoschini nezinye. 

Le ntokazi, eyazalelwa eMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, yashiya umsebenzi wakuba yi-environmental health practitioner ngo-2013 yangena ebhizinisini. Ithi ngo-2019 yathola umsebenzi wokuthungela inkampani ethize izimpahla zokuphepha zezisebenzi. Yacela enye inkampani ukuthi iyithungele izimpahla kodwa yavele yamkhiphela izingubo ezingekho ezingeni elifanele.

Loku kwenza uNksz uNzimande wazibuza ukuthi kungani angazithungeli ngoba vele inkampani eyamenzela umsebenzi kuthunga abantu abamnyama. 

“Saqala kanjalo ngesikhathi se-Covid-19. Ngabona ngaleso sikhathi ukuthi (okwangehlela kubalulekile). Bengingazi lutho  ngokuthunga. Ngabe sengifundela imfashini unyaka owodwa eSG International. Ngathi ngiqeda izifundo ngathola i-oda lokuthungela isibhedlela izimpahla zokulala zeziguli eziwu-6 000. Mina nethimba lami saqala lapho ukuthungela izibhedlela. 

“Ngiyawuthola nomsebenzi wokuthungela izitolo umswenko uma ngingathungi izimpahla zasezibhedlela. Ngithunga yonke into yokuphepha nomswenko,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/08/uphokophele-ukubayisikhondlakhondla-umsikingqephu-wasemakhaya/

Uthi ngo-2020 kwavela ithuba kuMasipala waseThekwini lokufaka izingubo zakhe esitolo semfashini iDFF Emporium esiseMega City eMlaza. Lesi sitolo umasipala wasenzela ukuthi abasikingqephu nabathungi badayise izimpahla zabo kusona. Naye wangena ngelebuli yakhe yomswenko iVintaco.

Ezinye zezimpahla zeBidywooddesign 

“Eminyakeni emithathu edlule ngathola usizo kwiSmall Enterprise Finance Agency (iSefa), eyangithengela imishini ewu-22 nezinye izinsizakusebenza. Emva (kwalolu sizo lwemali) sikwazile ukwandisa umsebenzi esiwenzayo, sakhula emsebenzini wokuthungela uhulumeni nezitolo ezizimele,” kusho uNksz uNzimande. 

Okwamanje unezisebenzi eziwu-12 aziqashe ngokugcwele nezitshudeni ezifundela umsebenzi zasekolishi eliseduze.

E-Bidywooddesign uthi baziqhayisa ngesibalo sezimpahla abakwazi ukuzenza ngesikhathi esikhona. “Sikwazi ukwenza ama-unit awu-1 000 ezimpahla ngesonto. Sikwazi ukwenza awu-4 000 ngenyanga. Asibathungeli abantu abafika ngabodwana, sithungela abafuna imikhiqizo eminingi,” kusho yena. 

Ngezinhlelo zangomuso, uNksz uNzimande uthi: “Sifisa ukutholakala eNingizimu Afrika yonkana, sidlondlobale. Sifuna imikhiqizo yethi itholakale online. Sifisa ukwaziwa njengenkampani yabantu abamnyama evelele ekukhiqizeni izimpahla ezenza abantu baphephe,” kusho uNksz Nzimande.

Iseluleko sakhe kubantu abafuna ukuqala ibhizinisi sithi: “Ukuqala ibhizinisi akulula, kudinga ubuntu, inhliziyo enothando nesineke. Kudingeka ubenombono futhi ulungele ukuzidela. Ngezinye izikhathi akuphathelene nawe uwumnikazi kodwa kumayelana nezisebenzi zakho nebhizinisi ngokwalo. Beka ibhizinisi kuqala, thandaza futhi ubenokholo – kuyenzeka.” 

Instagram: Win-B Group

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page