‘Asihlale sizama ezinye izindlela zokwenza imali eceleni’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMsizi Magoso. Uwumlingisi, umbhali, umqondisi wemidlalo yethelevishini. Useke walingisa emidlalweni ehlukene kubalwa Uzalo, Balungile & Inkosazana, Love Live Here, Durban Gen, Life of Mandoza, King Shaka, Umkhokha: The Curse S1& 2, My Father’s Shadow, The Wedding Day Film, The Plan Pilot nefilimu ethi Kukude Emsamu

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngaqala ngo-2007 ngifunda uMatikuletsheni kodwa nganginebhizinisi eceleni, ngayivula e-Standard Bank, Isipingo.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi imali uyayonga futhi ngakwazi ukufundela izincwadi zokushayela.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawunika abazali.

Yini enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngenza izincwadi zokushayela, ngathenga umjondolo ngawubeka ngaphandle ekhaya, ngafaka izinyo lesiliva.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuyidla kakhulu nabangani.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze.

Yisiphi isiluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma unemali uyakwazi ukwenza izinto ezizokuyisa phambili empilweni.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga amasheya ezinkampanini ezenza kahle bese ngithengela uMa imoto njengoba esekhulile, enye ngingaseka umndeni wami wonke bese nginikela kubantu abaswele.

Ungabeluleka kanjani abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi asiqale sibeke imali futhi singayeki ukuzama ezinye izindlela zokwenza imali eceleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page