‘Ungazikhukhumezi uma unemali’

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uMduduzi Dube, ilungu leqembu lomculo le-Afro pop iDual M, ekhiphe iculo layo loluqala elithi Ubomi ngonyaka odlule isebenzisana noZakwe, i-video yalo isidlala kwithelevishini nakwezinye izinkundla zomculo nezokuxhumana. Izokhipha elinye iculo maduze. UMduduzi usebenze nabaculi abahlukene okubalwa iQ Twins

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiyiphiwa kodwa kwakubayimadlana yokuthi ngikwazi ukuthenga ama-chips nokunye. Angiyona ingane ekhuliswe ngemali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngiqale sengikhulile impela, sengiqede uMatikuletsheni. Ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukulekelela umndeni wami futhi ngikwazi ukuweseka ngemali njalo uma ikhona. Imali kufanele iqale ekhaya. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngasiza ekhaya ngokuthenga ifenisha yasendlini. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngazakhela indlu engaphandle, ngazithengela izimpahla.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngike ngawina imali yaseHollywoodbets ngebhola, ngafuna ukuthi ngikufihle loko. Ngagcina ngingasayisebenzisi ngendlela efanele ngoba ngingafuni ukuthi ekhaya bazi ukuthi ngiyiwine kuphi. Ukube umndeni wami ubuwazi, bengizokwazi ukuhlela ukuthi ngiyisebenzise ngendlela elungile. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/07/ungagijimeli-izinto-eziphezulu-impilo-ingakahlangani-kahle/ 

Wake walutheka ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze ngigaxele kule nto yebhanoyi. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi ayifuni ukuthi uyibuse noma ucabange ukuthi njengoba unayo uzohlale unayo. Imali ifuna ukuthi uma ikhona, ucabange ukuthi yini ongayenza ukuze ikhule, ukuze uma uyisebenzisa usebenzise inzalo yayo. Uma uzosebenzisa le esuke ikhona ufuna ukuyiqeda, kubanzima ukuthi kusasa ubenenye imali.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathola indawo esemakhaya kuqala lapho esingakwazi ukufihla khona egcekeni ngoba lezi zindawo esihlala kuzona zincikiselela kakhulu. Emakhaya ngingabuye ngifuye. Lapha eThekwini into engingayenza wukuthenga indawo ngakhe amakotishi, ngibenemali ezongena nyanga zonke engakhulumisi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Imali njengoba kwashiwo ukuthi (uthando lwayo) yimpande yesono. (Uthando lwayo) yimpande yesono ngempela. Umuntu uma eke waphatha imali, uzibona ewuNkulunkulu, uzibona ekwazi ukwenza noma yini kunoma wubani. Ngingabaluleka ngokuthi abazithobe noma imali ikhona, akungaboni umuntu ukuthi loya muntu unemali, lingana nabantu. Phatha kahle imali kuze nayo izokuphatha kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page