‘Imali iyaphela, yisebenzise ngokuhlakanipha’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNkanyiso Miya, umculi nombhali womculo wokholo, odume ngamaculo okubalwa kuwona elithi Amazwi Okuphila Akuwe, Nginobufakazi nelithi Sekukaningi nomphathi wohlelo emicimbini
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngikhule ekhaya ngiyingane ngedwa, ngikhuliswa umama, ngakho wayezama ngaso sonke isikhathi noma ngabe ngicela imali noma kukhona engikudingayo, anginike. Kodwa kwakunomkhawulo, wawungakwazi ukucela njalo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaba ne-akhawunti yasebhange ngisafunda iBanga 9 ngenhloso yokuthi ngikwazi ukubeka imali. Ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi ukubanemali kukwenza ukwazi ukwenza izinto ozifunayo ngesikhathi osifunayo, kodwa futhi imali iyaphela, ngakho kufanele uyisebenzise ngokuhlakanipha.
FUNDA NALAPHA: ‘Ayikhuli imali uma ihleli esandleni ’
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wami wokuqala ngazithengela umbhede nefriji elisha ngingamtshelanga umzali. Wafika ntambama, wabonga ekhala.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
(Ehleka) Iphutha elikhulu wukuzula, ngichitha imali ngokuvakashela izindawo zamaholidi angahleliwe.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngazishadela ngemali engangiyibekile. Loko ngenye yezinto ezinhle engake ngazenza.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, ngake ngadlala iTriple M, yasaphazeka imali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqala ngokuthatha izinsuku ezintathu ngicabanga kahle (ehleka) bese ngibheka ikhaya lezintandane enginganikela u-10% kulo bese ngipha (uma) ukuze ajabule. Enye ngiyitshale noma ngithenge amasheya ezinkampanini ezinkulu, kuthi esalayo mina nezingane noNkosikazi siyibhubhudle.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali iyahlonishwa uma usemkhakheni osebenza ngezikhathi njengalona. Kufanele uqinisekise ukuthi uyisebenzisa ezintweni ozokwazi ukuzikhomba ngelinye ilanga uma isikhathi sakho sesiphelile.
