‘Yiba nezinye izindlela zokwenza imali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noFezeka Mchunu, umlingisi oseke walingisa emdlalweni weNetflix i-Spear nemidlalo yethelevishini Uzalo neDurban Gen neyeshashalazi njenge-Iketango
DARRAN MABUZA
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ekhaya kwakungakholelwa kuleyo nto. Safundiswa ukuthi yonke into iyasetshenzelwa. Uma ngizophiwa imali kwakufanele ngisize ugogo engadini.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngangisenza imfundo yebanga eliphezulu. Kwaku yi-akhawunti yase Postbank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali iyasetshenzelwa. Ugogo wasifundisa sisebancane ukuthi sibenamabhizinisi sidayisa izimvuthu nabham’foqo.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala e-call centre, ngihola u-R3 500.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngangilekelela ekhaya, enye ngiyibekele izidingo zami zenyanga.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngangisiza ekhaya (ngithengele) ugogo isitoko, ngiphe noMa ngoba wayengahlali nathi ekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ukungenela isitokfela nami ngithi phela uma kufika uDisemba ngibajabulise ekhaya ngokwenza into enkulu. Kwathi uma kufika isikhathi wayengasatholakali umsunguli waso.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukuthi imali ifuna inhlakanipho, ifuna umuntu okwazi ukubekela izinsuku ezinzima. Kubalulekile ukuthi uphe (abantu) abadingayo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhulisa ibhizinisi lami ngikwazi ukuvulela abanye abantu amathuba omsebenzi. Nginesifiso sokuqeqesha abantu ngamabhizinisi nokuthi aphathwa kanjani.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kubalulekile ukuthi ubenezinye izindlela zokwenza imali. Sinamathalente amaningi, (ngakho) asisebenzise wona ukuthi asisebenzele ukungenisa imali eceleni.