‘Tshala okuncane okutholayo’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uCollen ‘Madala’ Zondo, umsakazi weGagasi FM. Usakaza uhlelo lwezingoma ezipholile njalo ngamaSonto i-Urban Soul Radio kusukela ngo-12 kuya ku-3 ntambama, adlale umculo ongasoze wabuna i-soul ne-R&B ezindaweni zobumnandi
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangiphiwa futhi ngalesa sikhathi sasiphiwa oR1, oR2 sinikwa ukuthi sizoyidla isonto lonke esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngifunda eVaal University of Technology, ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali iyakuthanda uma uyithanda futhi uyiphethe kahle. Uma ungayiphethe kahle, ngeke ikuthande, okuchaza ukuthi izoshabalala. Sengifunde ukuthi loku okuncane onako kufanele ukonge ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphatheleni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/05/imali-iyahlonishwa-ungayibhayizeli/
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Angikaze ngihole, ngangiziphantela ngenza amabhizinisi amancane anjengokuwasha izimoto, ukugunda utshani nokukhipha imigqomo yabantu. Imali yokuqala engayihlanganisa ngazithengela i-CD ngoba ngangithanda ukulalela umculo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuzithengela imoto, ukuyisa izingane zami esikoleni, ukwenza isiqiniseko sokuthi izingane zami ziyakwazi ukusuka eGoli zize eThekwini futhi zikwazi ukuzigibelela ibhanoyini zodwa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukukhohlwa ukuthi imali iyaphela nokungakwazi ukuyonga. Namanje ngisalenza. Angikwazi ukonga ngoba kulo mkhakha imali siyisebenzisa ifika. Uthi uvala okuthile imali, iphele.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, emqondweni wami ibhanoyi yinto ezowa namhlanje. Angivamile ukuthatha izinqumo ezinjalo ngemali, anginayo imali yokudlala.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Uma uyonga futhi uyitshala uzothola umphumela wokuphila kamnandi. Uma imali uyibekile iyakhula wena udle inzalo, hhayi le mali oyitshalile, ikakhulu uma uthenga indawo, umuzi noma unamabhizinisi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingenza isiqinisekiso sokuthi abantu bangasekhaya bathola inkulisa ukuze izingane zasemakhaya zikwazi ukufunda lento izingane zasemalokishini noma ezasesilungwini eziyifundayo, zithole namakhompyutha.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Bafowethu zibhekeni, imali ayikho, umnotho utshekile. Okuthola namhlanje zama ngayo yonke indlela ukukutshala endaweni efanele ukuze ubone inzuzo ozoyidla ekugcineni. Le mali esiyitholayo encane, asiyibekele izikhathi ezinzima ngoba ziyafika lezo zikhathi. Ngisebenza emsakazweni namhlanje kodwa kusasa mhlawumbe ngeke ngisebenze emsakazweni. Yini engingakwazi ukuyenza emva kwalokho? Ukutshala imali kuyasiza, ungahamba uye ebhange uyobuza ukuthi loku okuncane enginako ngingakuhlukanisa kanjani uma ngehlelwa umshophi, abantu abasondelene nami bazozuza kanjani? Yizo zonke izinto okufanele uzibuze zona uma wenza izinqumo ngemali.
