‘Tshala imali ezintweni ezinenzuzo’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPearl Holdstock, uMrs South Africa, inxusa lezinkampani ezihlukene, umsunguli weConquering Infertility Ministries, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo nosomabhizinisi

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiphiwa kanye imali, ngathenga iphakethe likaswidi engangiwudayisa esikoleni.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaba ne-akhawunti yasePosini ngangineminyaka ewu-17.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali iyabekwa, uma udinga into ethize uyaqongelela ize yanele.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngakhokha okweshumi, ngathengela umama amakhabethe amasha.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukunikelela imindeni eswele nokunakekela umndeni wami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Awamaningi amaphutha esengike ngawenza ngemali. Ngiwumuntu oqongelelayo nothanda ukonga imali.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze ngidlale ibhanoyi futhi ngeke ngilidlale.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/01/imali-iyabekwa-ayibhubhudlwa-yonke/

Yisiphi isiluleko osihle owasithola ngemali?

Iseluleko engasithola ngemali wukuthi iyasetshenzelwa futhi awuyisebenzisi kungenasidingo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhela abantu abahlukumezeke ngokocansi ikhaya eliphephile emphakathini waseHammarsdale, entshonalanga yaseThekwini, lapho ngiphuma khona.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi kubalulekile ukutshala ezintweni ezinenzuzo futhi uyonge kunoma iyiphi indawo esemthethweni nokuthi uma ungumuntu okholelwa ekupheni abantu abanezidingo ubusiseka kakhulu ngemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page