‘Ungathembeli emholweni owodwa’

 Kuleli sonto kuSaziwayo Nemali sikuphathele u-Andiswa Vundiswa, umlingisi wemidlalo yethelevishini nakuNetflix, okubalwa kuyona Imbewu, Umkhokha, Uzalo, Disaster Holiday, Umjolo, The Spear, Sibongile & The Dlaminis, waphinde wasebenza kwi-International shoot A Westley South African Christmas (kwiBET)

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngisemncane ngangiphiwa imali kodwa ngangiyiphiwa uma ngisebenzile, njengokuthi ngithulele omakhelwane izingubo (ocingweni noma) uma ngithunyiwe. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ukuba ne-akhawunti yasebhange ngo-2011, ngenza unyaka wami wokuqala eLangeni FET College, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi ukuze ubenemali kufanele uyisebenzele. Ngabona abantu bangasekhaya bedlala izitokofela zemali ifakwa eThala Bank bese beyihlukanisa ngoDisemba bese imindeni iba noKhisimusi omnandi. 

Nami ngaqala isitokofela esikoleni ngisafunda ePhephile Primary School (KwaDabeka) ngo-2003. Ekilasini ngangiwumabhalane, ngiyibeke bese ngoLwesihlanu sengiyiqoqile eyesonto lonke siyinike uthisha wethu, asibekele, siyihlukanise ekupheleni konyaka.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wami wokuqala ngakhokhela ngawo udadewethu omdala imali yakhe angiboleka yona ngigibela ngayo ukuya emsebenzini. Ngabeka imali yenyanga yonke engangizogibela ngayo uma ngiya emsebenzini. Ngase ngithenga ukudla kwenyanga ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngo-2011 ngaxhaswa yiNSFAS ngathenga i-laptop. Ngangiyidinga kakhulu. Isasebenza nanamhlanje leyo-laptop. Ngo-2022 ibisetshenziswa umshana wami efunda eBerea Technical College.

Ngazithengela umbhede omkhulu omusha ngo-2009 ngifunda u-Grade 11 ngisebenza ngamaholidi, nangempelasonto. Ngakha indlu enamagumbi amahlanu ekhaya emakhaya eMatatiele, ngayibiya. Ngifundisa umshana wami ekolishi.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali yami yonke ngoDisemba, ngoJanuwari ngazithola ngingasenamali.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Ukukhokhela ukuthi umsebenzi ngo-2015 sakhokhiswa oR350 eClermont. Kwakufike abantu abantu bathi bayi i-agency basebenzisana nenkampani yasemkhunjini bathi sizoyosebenza emkhunjini. 

Yindlela abafika ngayo eyenza sabathemba bangena ngamakhansela amawadi amane kanti bazosiqola. Abantu bakhokha kulelo bhanoyi mhlawumbe babangaphezu kuka-300. Yilapho engafunda khona ukuthi akukhokhelwa ukungena emsebenzini. Ama-agency angempela ngeke akucele imali ukukutholela umsebenzi.

Ngake ngalutheka ngadlala ibhanoyi iMMM neKipi (Investments) kodwa okuhle imali yami yabuya.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi awukwazi ukudla imali okade uyibeka unyaka wonke uyidle uyiqede ngoDisemba nokuthi awukwazi ukuhlala ungenamali oyibeke eceleni uma kwenzeka uxakeka inyanga ingakapheli noma uyibekele izimo eziphuthumayo.

Nokuthi ukungathengi izimpahla zemikhiqizo ebizayo. Ukungenzi imicimbi emikhulu ujabulisa abantu. Izinto ezingenasidingo zithenge uma kumanani aphansi futhi ukungathengi izinto ngesikweletu, ezifana nefoni nezinto zasendlini ezifana nefenisha.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ibhizinisi lezindlu, ngakhe istende esikhulu esinganela amagumbi awu-50. Ngakhe umuzi omkhulu endaweni ethulile. Njengoba ngiwumsunguli weSiyahlomula Mngwe Foundation, ngingenza uhlelo lokunikela emphakathini ngoba mina ngihamba ngendlela yenkonzo. (Ngingalungisa) amathuna asekhaya wonke nawakomalume. Enye imali ngingayibeka.

Yisiphi iseluleko ongasinika enisebenza nabo embonini yakho?

Wukuthi kumele siyonge imali. Uma usuqedile ngezinto osuke uzihlelile zenyanga, ungaqhubeki udlulele ezintweni ongazihlelelanga. Ungayiboleki imali emabhange noma kubangani.

Abantu abahlale benayo imali encane eseceleni. Umsebenzi wethu awuwona umsebenzi wesikhathi eside, ngesinye isikhathi uyahlala ekhaya izinyanga ezintathu ungawatholi umsebenzi, ngakho kubalulekile ukuthi imali siyibeke. 

Yiba nomsebenzi okufakela imali eceleni ungathembeli emholweni owodwa ngoba impilo iyabiza. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/28/yihlelele-ingakafiki-esandleni-imali/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page