‘Imali ayikwandisele le ekhona’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noThabo Ndlovu, odle umhlanganiso kwi-Idols SA Season 19. Ezingomeni adume ngazo kukhona iSlungu nesingili entsha ethi Ngifuna Wena
WU-DARRAN MABUZA
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangiyithola imali. Abazali bami babakwazi ukuhlanganisa, nami ngikwazi ukuthola imali yokudla.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngonyaka wami wokuqala ngenza imfundo ephakeme ngo-2016 noma u-2015, angisakhumbuli kahle kodwa ngayivula eStandard bank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kufanele uyisebenzise ngobuhlakani. Uma isala yifake ebhange ubekele izikhathi zobunzima.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2017 ngifundisa umculo. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi kwakuyimalini ngoba yayingafani, kwakuya ngokuthi ngithole amakhasimende amangaki ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngoba ngangisemncane ngingenawo umthwalo wokondla, ngathenga iBig Mac.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngathenga indawo yokuhlala.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza
Ngayisebenzisa ngobudedengu, kwathi uma sekufanele isebenze yayisingasekho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyini?
Cha angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukukhipha okweshumi ngibonge kuNkulunkulu.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga indlu ngiqhubeke nokutshala ekuthengeni izindlu.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abangavumi ukulawulwa yimali. Abenze isiqiniseko sokuthi bayisebenzisela ukuthi yandise lena ekhona.