‘Beka u-10% wemali oyitholayo’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNgcebo Mdima, ilungu le-The Billionaires, uwuDJ, usesebenzisane nabaculi abahlukene ukukhangisa umsebenzi wabo njengoLady Zamar, uDJ Ganyani, uDJ Bongz, uZakes Bantwini nabanye kanti usanda kukhipha iculo elithi Izinyoni ebambisene noKarabo Motlogelwa noLizwi Mbatha
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo imali ekhaya ngangiphiwa. Ngangiphiwa u-20c noma u-50c, uma inkulu kube uR5.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngineminyaka ewu-18, ngayivula eFirst National Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Engakufunda ngemali kugogo. Ngangimbona ebeka imali ebanezitokfela ezihlukene. Uma engipha ishumi wayethi kufanele ngibeke u-10% eceleni, ngibe nesikoqokoqo. Ngafunda kanjalo ukubeka imali futhi namanje ngisakwazi ukubeka imali ukuze ngibe nemali ngezikhathi ezinzima.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngikhumbula kahle, ngawuthatha wonke ngabuyela ekhaya eThekwini, bawushisela impepho emsamo bebika ukuthi umholo wami wokuqala. Emva kwaloko ngabahlukanisela bonke ekhaya, ngasala nemali yokuphindela eGoli.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/02/iyahlelelwa-imali-ukuze-uyibone-into-oyenze-ngayo/
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthi nginwebe umuzi kagogo, ngipende, nami ngazithengela imoto, ngafaka itshe lesikhumbuzo sikaMa. Lapha engihlala khona manje ngiyazikhokhela, ngizimele, ngavula nebhizinisi.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze ngalidlala, angifuni kuzwa lutho ngalo.
Yisiphi isiluleko esihle owasithola ngemali?
Uma uthola imali, zama okungenani ukubeka u-10% eceleni uwonge. Ungayidli budlabha imali, ngoba imali izwa enye imali. Uma imali ingekho esikhwameni sayo, noma ebhange, ayikho imali ezoqhamuka phandle. Imali kufanele ihlale ikhona noma kuthiwa uxakekile. Kufanele ube noR2 000 ebhange owubekile. Yisona isiluleko engasithola.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayibeka, ngitshale uhhafu ukuze ngikwazi ukuhola inyanga nenyanga ngemali engiyitshalile. Enye ngingalungisa impilo yami, eyasekhaya, ngenze isiqiniseko sokuthi ngiyalungisa ekhaya kabusha, siqale ibhizinisi esilaziyo ukuthi lizosilethela imali, mhlawumbe sakhe amagumbi siqashise.
Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali uma kungabe kuthiwa iyatholakala, ngicela singayidli budlabha noma bekhona abanye bethu abathanda ukujabula kuze kweqe, abazame ukuthi babeke imali eceleni babekele izikhathi ezinzima. Akuhlezi kumnandi kuzona zonke izikhathi kulo mkhakha, kuyafana nokuthi siyazisebenza thina, umsebenzi uyafika, ubuye unyamalale. Kubalulekile ukuthi wonge imali engahlala izinyanga eziyisithupha ukuze (uphile).