‘Ungajabulisi abantu uma unemali’

KULELI sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPenny Ntuli, umsakazi oke wasakaza kwiRadio DUT, iVibe FM, iDurban Youth Radio, iNanda FM, iGagasi FM. Usanda kuhamba kwiJozi FM futhi usanda kuthola umklomelo i-Future of Radio Award emkhakheni i-Radio Personality, aqophe umlando ebangowokuqala ukuwuthola. Wake wawina i-Shining Star Africa Award kwi-Best Star Radio Personality

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangingaphiwa imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuphi?

Ngangisemncane kakhulu ngina- 17 kuya ku-19 Ngayivula eStandard Bank ngiyivuliswa uMa, owayekwazi ukuphatha imali.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhulele kudadewabo kaMa omdala. Wangifundisa imfundo ebalulekile namanje engingasho ukuthi ngeke ngisakwazi ukuphila ngaphandle kwayo. Wayephatha izimali zasesontweni ebuya nayo imali iningi ahlale phansi ayibale, wayebhala ngisho ishumi ukuthi uR241 ukhokhwe wubani. Wangifundisa ukubanesabelomali, into ebalulekile kakhulu kulo msebenzi esiwenzayo. Uthola ukuthi ukhokhelwa imali eningi kodwa uma ungenahlelo lwayo ngeke uyibone ukubaluleka kwayo ngoba ungagcina usuyisebenzisa budlabha. Imali uyihlelela ungakabinayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/21/tshala-okuncane-okutholayo/ 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Kukhona inkampani esasilingisa kuyona, isiholela uR180 ekupheleni kwenyanga. Sasihlala usuku lonke ulinde ukubizwa. Ngangiyisebenzisela ukugibela uma bengibiza.

Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?

Wukutshala ezintweni zasekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?

Alikho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala “ibhanoyi”?

Cha, angikaze ngilidlale. Kade ngazisaba lezo zinto, ngazibalekela kudala.

Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?

Ngasithola kumamkhulu, ongasekho, ukuthi uyayihlelela imali.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Mncane uR1 million kodwa kukhona umuntu engimlandelayo kuFacebook, uZackery Dereniowski. Ufika kuwena acele ukuthi umsize, ezenza umuntu ongenamali. Uthola ukuthi abantu abangenamali abazokusiza. Uma kuthiwa ngithola imali ngingenza njengaye ngingasiza abantu. Ngiyazi baningi abantu engingabasiza.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngeke ngibeluleke. Wonke umuntu okulo mkhakha ungene ngezinhloso ezihlukene. Kukhona abangene befuna udumo nemali. Uma bethenge ibhande leGucci, loko kuyabajabulisa. Kukhona abangene ngokuthi uzalwa othile, ngakho ngeke ngimluleke loyo. Izindawo esiphuma kuzona azifani, njengoba nami ngenza iphutha ngasebenzisa izinkundla zokuxhumana, bangibona kanjalo. Kuhle ukuthi imali uma uyithola ucabangele izingane ngoba abalingani abaningi abazishiyeli lutho izingane. Uthi uyongcwaba umuntu kubo ubone ihlazo kodwa ekade enswenka. Ungenzeli ukuvunywa, abantu abanandaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page