‘Ungabibudedengu ngemali ukuze ungavaleki’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNomi ‘Nomi G’ Gumede, umsakazi, umphathi wohlelo emicimbini nosomabhizinisi. Uke wasakaza kwi-Imbokodo FM, manje ukwiNtokozo FM, lapho ethula uhlelo Indumiso olungena ngeSonto ngo-6 kuya ngo-9 ekuseni 

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiyiphiwa eyokuphatha esikoleni.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngayivula sengifunda uMatikuletsheni. Ngayivula e-Absa.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali ayizifikeli, uyayisebenzela kanti uma isifikile iyakwazi ukufeza zonke izidingo zakho uma uyihlelela kahle.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawuhambisa ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Into enkulu engingayibala wukulungisa ikhishi nokulungisa i-bathroom.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/19/zijabulise-ngemali-yakho-kodwa-ungakhohlwa-wukonga/ 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthemba umuntu ngemali nokungayihleleli kahle yona.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

(Ehleka), Cha. Ibhanoyi lingawa uma kungangena mina.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Yibonge imali uma ifika, yibonge ngokweshumi, wenze izidingo ezibalulekile bese enye uyonga.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Eningi ngingayitshala, bese enye ngenza okubalulekile ngayo noma kanjani ngingajabulisa umama ngiyidle naye.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Qinisekisa ukuthi imali uhlala unayo ngokungayisebenzisi budedengu. Jabulisa wena kuqala ngaphambi kokufuna ukujabulisa abanye abantu. Phila ngangamandla akho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page