‘Bubalulekile ubudlelwano obuhle nemali’ 

WUTHOBILE ZWANE

Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sikuphathele umlingisi uGabriel Temudzani, owaduma ngokuba wu-Azwindini, inkosi yaseVenda emdlalweni wethelevishini owuchungechunge i-Muvhango ku-SABC, nomphathi wezinhlelo emicimbini

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?

Ohho yebo, ukuvula i-akhawunti yami yokuqala kwaba yinto emangalisayo. Angizange ngikholwe wukuthi sengizoba nayo. Ngayivula eFNB, namanje ngisekhona. Kungijabulisa kakhulu ukucabanga ngohambo oluhle engiluhambe naleli bhange, uhambo olungikhulise kakhulu nokuqonda ngemali okujulile.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Uma uphuma emndenini odla imbuya ngothi into yokuqala oyenzayo uma usuhola wukuzama ukulungisa isimo sasekhaya. Kwabanye bethu loko kwakusho ukuthenga izipuni, amabhodwe nezinye izinto ezibalulekile ukuze sisize futhi kuphilwe ekhaya. Ngiyaziqhenya ngaloko ngoba kungifundise okuningi. Okubaluleke kakhulu, kwafaka kimina umuzwa onamandla wokuziphatha nofunda ukunakekela abantu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/11/10/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nononkululeko-mbatha-umlingisi-wemidlalo-yeshashalazi-neyethelevishini-ulingise-kwi-the-black-door-ngaphambi-kokuya-kwi-isitha-the-enemy/ 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngikhumbula nginika umama ingxenye yeholo lami, enye ngathenga izimpahla zikagesi zakhe. Leyo kwakuyimali eningi kimina ngaleso sikhathi. Ngangisebenze isizini yonke futhi uma ngihola ekupheleni kwayo, ngangisebenza ngijabule kakhulu, ngakho nganika umama ingxenye, ngasebenzisa enye ukuze ngithole izinto zikagesi zasekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulungisa umuzi wasekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthenga izinto ezibizayo, ezinamagama ezingenasidingo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Lutho. Ngangingeke ngilunge ekugembuleni futhi ngeke ngikwenze. Empeleni ngiyakuhlaba kakhulu ngoba kulimaza izimpilo zabantu. Kusincisha ithuba lokukhula sibenobudlelwano obumangalisayo nemali.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ngikholwa wukuthi uma singabazali sinobudlelwano obuhle nemali futhi safunda ukuyiphatha, kuwumthwalo wethu ukudlulisela lolo lwazi ezinganeni zethu. Ngokwenza kanjalo, sakha imindeni eqinile ezobanomphumela omuhle emiphakathini yayo ngokuhlakanipha kwezezimali nokuzibophezela.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayitshala. Kodwa engingakwenza kuqala ngingahambisa izingane zami endaweni ethile enhle. njengendlela yokuzifundisa ngemali nempilo. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Namuhla ungase ubephezulu futhi kusasa ungase ungabibikho uma amatoho engekho. Ukuthola izeluleko ezinomqondo zemali nokufunda ukuyitshala ngokuhlakanipha kudinga isibindi futhi kuqinisa ubuhlobo bakho bangomuso nemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page