‘Imali iwumuntu, nayo inomona’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungelo Hlongwane. Uwumculi womculo wokholo odume ngamaculo okubalwa kuwona elithi Qhubeka Nkosi, Seng’yabala Nkosi, Sengiyacela Nkosi nelithi Akasoze. Uthi maduze uzokhipha amaculo amabili amasha futhi usezinhlelweni zokuqopha bukhoma umculo wakhe omusha ngonyaka ozayo. Useke wasebenza nabaculi okubalwa kubo  noDumi Mkokstad engomeni ethi Endaweni Ebanzi noJumbo

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo. Esikhathini esiningi, ngikhule noMa, ugogo nomkhulu. Yibona ababenginakekela futhi benginika imali engiyiphatha esikoleni.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?

Ngicabanga ukuthi ngo-2017. Ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyimpendulo yakho konke futhi uma uyithola kufanele uyisebenzise ngokuhlakanipha futhi uqinisekise ukuthi wenza izinto ezizokwenza impilo yakho ibelula.

FUNDA NALAPHA: ‘Imali iyaphela, yisebenzise ngokuhlakanipha’

Waqala nini ukusebenza futhi wenzani ngomholi wakho wokuqala?

Angikaze ngisebenze; selokhu ngaqeda umatikuletsheni ngazisebenza mina. Ngathenga igrosa yasekhaya, nganakekela izidingo zasekhaya kuqala ngaphambi kokuthi nginakekele ezami.

Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?

Wukulungisa ikhaya noma kungakofiki kuleli zinga engilifisayo okwamanje kodwa ngisaqhubeka ukuvusa izindonga zasekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali ngokweqile nokubanenhliziyo enhle.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze, kodwa sebekebangishaya ngokuthi ngithole umyalezo kumuntu owayezenza umnikazi wendawo yobumnandi ethi uyangibhuka futhi uzongikhokhela imali ethile eGoli, uvula enye indawo. Wathi angithumele uR6 000, uzongikhokhela uma sengiqede ukusebenza. Into eyayingiphatha kabi ngaloko wukuthi kwakuyinto engake ngaxwayiswa ngayo kodwa angazi kwenzeka kanjani.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Yisebenzise kahle, ikakhulu uma kuseyisikhathi sakho sokuthi iNkosi ikwenze ubesematheni futhi uthole imali njalo. Yisebenzise kahle uma ithuba lisekhona futhi uyitshale. Imali iwumuntu, nayo inomona. Qinisekisa ukuthi uNkulunkulu ukhona kuleyo mali ngoba uma engekho kuyona, usathane uzoletha okuthile okuzoyidla.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawutshala, ngiqale ibhizinisi embonini yezokuthutha, ngakhe nezindawo zokuhlala, ngibheke namanye amathuba ebhizinisi bese ngizinakekela nami nomndeni wami.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page