‘Zama izindlela zokwenza imali ihlale ingena’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noThembinkosi Booi, ocula umculo wokholo. Uwumsunguli weJampa amaFence Records. Udume ngeculo elithi Usathane uJampa amaFence. Yize eke wathatha ikhefu emculweni, usebuye ngamandla nge-albhamu entsha esihloko sithi Themba iNkosi, ayiqophe ngaphansi kwePika Records, okulindeleke ukuthi iphume kule nyanga. Kule albhamu usebenzisane nabadidiyeli bomculo okubalwa kubona uMojalefa Mjakes Thebe noMpumi Ndamase

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiyiphiwa kodwa hhayi ngaso sonke isikhathi.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngineminyaka ewu-16, ngayivula eFirst National Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ukuyibeka kahle imali ngoba ngangiyiphiwa kanye isikhathi esiningi. Kwangifundisa ukuthi mhla nginayo imali kufanele ihlale isikhathi eside noma ngabe incane kangakanani.

FUNDA NALAPHA: ‘Hlakanipha ngemali: uyonge, uyitshale ’

Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawuthumela kubazali bami wonke, bangipha eyokuthenga ukudla nezinye izinto.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukusiza abazali bami nokuthengela abantu abahlala emgwaqweni ukudla.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Kwakunesikhathi lapho ngangingacucuzi uma ngifuna ukuthenga, ngisho noma into ngingayidingi ngoba nganginemali eningi futhi ngingayitshali.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze nakanye.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esikhundleni sokujabulela imali engenayo uyidle iphele, yenza imizamo yokubanemali ehlala ingena njalo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha indawo yokuqopha umculo, ngisize abaculi abasafufusa baqophe umculo, nginikele nasezinganeni zesikole ezithwele kanzima.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi kubo benze konke okusemandleni ukuze imali ingangeni ngomculo kuphela, kodwa bazame nezinye izindlela zokwenza imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page