‘Yenza into ozoyikhomba kusasa ngemali’ 

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALIsikuphathele uKhethukuthula ‘Umafikizolo’ Mhlongo, umculi kamasikandi osematheni odume ngengoma ehlanyisa abantu ethi Uyoncengwa Unyoko, esethubeni lokuhlukanisa unyaka njengoba isohlwini lwezingoma eziqokwe kuKhozi FM Top 20. Usanda kuvela emdlalweni wethelevishini odlala ku-SABC1 i-Amalanga awafani. Ingoma yakhe eshisa izikhotha isibukwe abantu abawu-16 million kuYouTube.

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha, kwakungenzeki (ngangingayiphiwa).

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Sekuzophela u-2023, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngangingaveli ngiyithole kalula ngabona kuthi imali itholakala kanzima, ngakho kufanele ubenendlela ozokwazi ukuyigcina ukuthi ihlale kuwe ngoba iyakunika into oyifunayo uma unayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/12/qinisa-emsebenzini-uma-imali-isangena/ 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga izingubo zokugqoka nezinto ezincane ezazishoda ekudleni ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Nginezimoto ezimbili, ngisazama nokwakha ngathenga nezinkomo.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthenga into kubadayisi kuFacebook, ngathenga ucingo kubona angizange ngiluthole.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kubalulekile ukuzimela (imali iyakusiza ukuzimela).

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqhubeka ngithenge imfuyo nokubheka okuyibhizinisana engingalivula.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Abayisebenzise ngendlela efanele benze izinto abazozikhomba kusasa noma imali ingasekho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page