‘Beka eqhulwini okudingayo ngemali, hhayi okuthandayo

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noThando ‘uPimp Dlozi’ Khambule, isangoma esiwusaziwayo, unengosi ohlelweni lukaVanessa Marawa kwiVuma FM ngoLwesine ngo-11 ekuseni nomlingisi wemidlalo yethelevishini. Phakathi kwemidlalo ake adlala kuyona kubalwa Uzalo ne-Durban Gen

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa imali encane neningi ngabazali bami.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngangifunda u-Grade 8 ngo-2006, ngayivula ngemali engangizibekele yona. Ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ngesikhathi ugogo esaphila. Uma simvakashele singabazukulu bakhe, uma kuvalwe izikole, wayesipha imali. Kwakuthiwa uma senze okuthile okuhle sizothola imali ethile. Sasithenjiswe ukuthi uma siphase kahle esikoleni sizonikwa imali, sihambe siyozithengela izingubo zikaKhisimusi. Loku kwangifundisa ngemali kakhulu ukuthi iyahlonishwa, awuyidli noma yikanjani. Uma uyisebenzisa uyisebenzisa ngokucabanga, uyihlelele futhi iyasetshenzelwa.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/24/yiba-nezindlela-eziningi-zokungenisa-imali/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngafundiswa ukuthi uma ususebenza uqala ekhaya ukuze izinto zakho zizokhanya ziqhubekele phambili. Ngangihola uR4 600. Ngathenga ukudla ekhaya ngoba kuyinto engangiyifundisiwe ukuthi uma usuqala ukusebenza, ukhumbula ekhaya, eyasala (ngabheka) izidingo zami.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi okubalwa ukungalilahli ikhaya lami, ukulekelela ekhaya (nyanga zonke), ukulungisa ikhaya, ukuthenga imoto nokuhlala ngihlale ngikhumbula abantu basekhaya asebalala.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuthenga imoto ebiza kakhulu ngisemncane nokuluthwa ngabangani ngikhohlwe ukuthi kufanele ngikhokhele imoto, ngigcine ngingasanaki, ngathenga nezinye izimoto ezigcina zidliwa yibhange.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. Sengifunde kakhulu ngawo ukuthi ayizinto zesikhashana.

Yisiphi isiluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi noma kuthiwa imali ikhona, ungazithengi izinto ongazidingi. Hlala phansi ubhale ukuthi yikuphi okufunayo nokuthi yikuphi okudingayo ukuze imali yakho ingagcini isisebenziseka ngokweqile. Imali ayisebenze ezintweni ezibalulekile.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha umuzi wami, ngakhe izigodlo zami bese esalayo ngibheka omakhelwane nezikhungo lapho kunezingane (ezintulayo). Loko ngingakwenza sengiqale ngafeza izidingo zami.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ungababheki abanye abantu ukuthi benzani, banani, wena naka okwakho, wenze okusemandleni akho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page