‘Yibanebhizinisi eceleni, ungagcini usukhwahla abantu’

Kuleli sonto kuSaziwayo NEMALI sixoxa noThandiwe Ndenza, uwumlingisi wemidlalo yethelevishini okubalwa i-Mother of All, i-Netflix Lobola Man, i-Greytown Girl, Umkhokha: The Curse S1 ne-S2 ne-My Brothers Keeper, lapho edlala khona indawo yewele uLwethu Shabalala

WUTHOBILE ZWANE 


Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngisemncane imali ngangingayazi, umuntu wayephiwa imali engadluli ngisho ku-50 cent uma eya esikoleni. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ukubanayo sengisebenza ngo-2014, ngayivula eNedbank. Ngangihola uR3 600.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali ayizi kalula. Njengoba ingezi kalula nawe kufanle ungayidedeli kalula. Yenza isiqiniseko sokuthi uyisebenzisela izinto ezibalulekile ozozikhomba ngelinye ilanga. 

FUNDA LAPHA:

https://www.umbele.co.za/2024/04/19/amaciko-awafunde-izindlela-zokutshala-imali/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Noma wawungemningi umholo wami ngoba sasivele sizixakekele ekhaya, ngangingenazingubo, ngathenga ukudla nezimpahla zokuthi sigqoke newele lami.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Okwamanje ezinye izinto ezinye ngisazihlelela kodwa engingakusho wukuthi imali ngiyakwazi ukuyiphatha nokuyisebenzisa kahle.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukudlala ibhanoyi kuphela.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo ngisasebenza esitolo ngadlala ibhanoyi iTriple M. Ngafaka uR1 000 wangqwamba.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingalungisa ibhizinisi lami lokuziphaqula lithi ukukhula, ngakhe imiqasho ukuze imali izongena. Emva kwaloko ngizakhele (umuzi engiwufisayo).

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Wukuthi kulo mkhakha wethu imali iyasebenza kodwa kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uyisebenzisela into oyibonayo, bese uyibekela izikhathi ezinzima ngoba lo msebenzi wethu ubangaleso sikhathi uphinde ume. Kubalulekile nokuthi ubenebhizinisi eceleni elizokungenisela imali, ungagcini usucela izimali ebantwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page