‘Hlelela ikusasa ngemali ngoba ikusasa alaziwa’
Kuleli sonto KUSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNathi Sithole, umculi we-gospel, odume ngezingoma okubalwa kuzona ethi Baba Ngilondoloze, Ngiyamazi nethi Ngihlale La“. Uke wacula nomculi wokholo uDumi Mkostad
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa imali kodwa kwakungavamisile ngenxa yesimo sempilo yasekhaya.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngiqale ngo-2018 emuva kokukhipha icwecwe lami lokuqala, ngayivula eFNB.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi imali ungayibona sengathi inkulu ngesikhathi usajabule kodwa kancane kancane iyancipha. Ubona ingasekho bese uzisola. Okunye, ngaphambi kokuthi wenze izinto zokuzijabulisa, yenza ozokukhomba uma isiphelile imali.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
(Ngathenga) izingubo zokugqoka kwazise ngangingenazo ezanele, ngathenga nokudla kwasekhaya.
Yini enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Engingakubala nje wukuthi ngikwazile ukuzakhela indlu yezitini, kwazise ngikhule ngihlala emjondolo owayo, ngenza izincwadi zokushayela, ngapenda umuzi kababa. Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngiyakwazi nokuletha isinkwa ekhaya.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/12/kubalulekile-ukubeka-nokutshala-imali/
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Iphutha engike ngalenza ileli lokudla imali ngendlela engahlelekile ngingacabangeli ikusasa.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze, angisiye umuntu othatheka kalula ngalezo zinto.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ngatshelwa ukuthi noma imali ingabancane kangakanani kodwa uma unenhloso ngayo uyawubona umehluko, akufanele ulinde uze ubenezizumbulu. Ngatshelwa nokuthi imali iyahlonishwa.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingangena ebhizinisini lezindlu bese ngithenga nesikorokorwana, kwazise sibalulekile uma ngiyosebenza.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi nje asisebenzise imali ngendlela ehlelekile ithuba lisekhona ngoba ikusasa alaziwa. Akufanele uma kungena imali enkulu bese ucabanga ukuthi ngeke iphele ngoba usuke ungazi ukuthi enye uzoyithola nini.
