‘Ungabhayiziswa wudumo umose imali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNomshado ‘Shado M’ Mthombeni, umculi we-Afro-pop, igqom, i-gospel nama-piano, Udume ngezingoma ezithi Inhliziyo Yami Ithi Hey, Wamuhle, Thando nomphathi wohlelo emicimbini

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiphiwa kakhulu imali ngisakhula, ngiphiwa umama ongizalayo. Akukho engangingakutholi engikudingayo ngikhula.  Umama ubewumama abewubaba emndenini wonke.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala kuba ne-akhawunti ngineminyaka ewu-21. Ngayivula eFirst National Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali kufanele ukwazi ukuyihlelela ingakafiki ezandleni ngoba uma ifika ingahlelelwanga ugcina uyimosa ezintweni ezinganasidingo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/13/uzinhle-madela-wumculi-we-afro-pop-isishoshovu-samasiko-esintu-nomphathi-wenkampani-yobuciko-iheart-prints/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wami wokuqala ngawunika uMa, omunye nganikelela intsha ebandleni engangikulo.

Yini enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
 

Wukunikela emphakathini, ikakhulu entsheni. Noma kungesibo abantu abaningi kodwa ngiye ngitomule noma ababili noma oyedwa engizomsiza osuke efesa. (Ngiyalekelela ngemali) yokugibela neyokwenza ama-CV nokuthi umuntu abukeke kahle.

Iliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukubona sengathi yiningi bese ngibanomusa kakhulu ezintweni ezingemqoka.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze (ngilutheke). Angidlali ngisho isitokfela.

Yisiphi isiluleko esihle owasithola ngemali?

Ukuthi imali iyahlonishwa awuyikhiphi inoma kanjani mawuyikhipha isinoma kanjani izogcina ihambela kude nawe, imali iyanakekelwa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Okukuqala ngingakha iNewcastle Record, inkampani yokuqopha umculo, ngitshale kumaciko aseNewcastle ukuze azi ukuthi anekhaya lethalente, singabikhona isidingo sokuthi aphume aye koGoli noma eThekwini bese ngakha isikole sobuciko khona eNewcastle ngiqeqeshe izingane ezikhethekile. 

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi izintuthwane zibaningi uma kusekhona ushukela, mhla kuphela ushukela nazo ziyahlehla. Ungabiwuthathekile ujatshuliswe wudumo ugcine ususebenzisa imali kubantu abangenandaba nawe nomsebenzi wakho. Uma ifika ayibenendawo ezoya kuyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page