‘Phila impilo elingana iphakethe lakho’

Kuleli sonto sixoxa noNtokozo Thembani, intatheli yomsakazo iVuma FM, umdidiyeli wohlelo, umfundi wezindaba nomhleli we-Sunday News Wrap njalo ngamaSonto ebusuku ngo-7 kuya ngo-8 ebusuku nomphathi wohlelo emicimbini

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali? 

Ngisakhula abazali babengipha imali nezihlobo kodwa kwakungeyona into (abayibeka) phambili.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngicabanga ukuthi kwakuwu-2007, ngayivula ebhange iNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali? 

Imali uma ungayongi, iyashesha ukuphela. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngikhumbula kahle, ngangineminyaka engu 19. Ngathenga kakhulu izimpahla zokugqoka. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali? 

Wukulungisa izinto ezithile ekhaya. Loku (kwabajabulisa kakhulu abazali) bami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza? 

Ukudla imali yokwenza okuthile okubalulekile kepha uma sekufika isikhathi sokulungisa lokho, ngaphoqeka ukuyiboleka.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi? 

Cha, hhayi, angiyena umuntu olutheka kalula ngoba nginemibuzo eminingi. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali? 

Kubalulekile ukuthi ungathathi isikweletu esingenasidingo ngoba (ufuna injabulo) yesikhashana.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ukuthenga umuzi, ngikhokhe zonke izikweletu bese ngibeka ingxenye yemali ukuze ikhule ngiphinde ngikwazi ukuyisebenzisa eminyakeni ezayo.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Uhlobo lomsebenzi wethu lusihlanganisa nabantu abakhulu, abantu abaqhamuka (emikhakheni) ezihlukene, ngakho kulula ukulutheka ucabange ukuthi unemali, ungenayo ngokufakelwa abantu abaseceleni ingcindezi ugcine usuphila impilo engaphezu kwemali onayo, ngakho  umuntu kumele aqinisekise ukuthi uphila impilo elingana nesimo semali yakhe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/10/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nentatheli-nomfundi-wezindaba-uthabile-mbhele-usebenze-iminyaka-ethula-izindaba-kwisabc-futhi-eyintatheli-yezempilo-kanti-manje-usezokwethula-izindaba-kwin/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page