‘Qinisa emsebenzini uma imali isangena’

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALIsixoxa noMalibongwe ‘Mjolisi’ Gwala, umculi kamasikandi wodumo lwengoma eyahlukanisa unyaka odlule ku-Ukhozi FM ethi My Dululu. Ezinye izingoma adume ngazo zithi Dlala Ngento, Amaphilisi, Ungishela Ngamanga, Sebegaxelenezinye. Uzokhipha i-albhamu entsha maduze

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngeke ngisho ukuthi ngangiphiwa kodwa ngangiyithola ngaleso sikhathi. 

Waqala nini ukubane-akhawunti kanti wayivula kuliphi ibhange?

Ngo-2018, ngayivula eNedbank. 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi uma uyitholile, yibekele isikhathi esizayo ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphatheleni.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Angisakhumbuli ngoba ziningi izinto esengizenzile nengikwenzayo ngemali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/11/18/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-noqhoshangokwenzakwakhe-isihlabani-sikamaskandi-usanda-kukhipha-i-albhamu-ethi-tears-of-joy-kanti-useke-wahlabana-ngezindondo-emincintiswaneni-ehlukene/ 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

 Kuningi okuhle esengikwenze ngemali kodwa ngingathi wukulungisa ikhaya. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukupha abantu imali nokuyisebenzisa ezintweni ezingenasidingo bese ngizisola uma sengibheka i-app yasebhange.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma uyithola kufanele uyibeke enye ukuze izokusiza kusasa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Yisifiso sami ukutshala imali. Ngingayitshala ngiqale noma yiliphi ibhizinisi, ngithenge namasheya, ngenze izinto ezinjalo. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kulo mkhakha kuyehla kuyenyuka. Yenza isiqiniseko sokuthi ngesikhathi kusahamba kahle nawe uphila kahle ngoba kuyenzeka ngesinye isikhathi sishone phansi. Uma sikhumbula nje ngesikhathi sobhubhane (se-Covid-19) savaleleka sangakwazi kwenza lutho. Uma impilo ima kancane, ingami nawe. Uma imali isaqhamuka, qhubeka wenze eningi ukuze uma kwenzeka ushona phansi (uwa) wazi ukuthi uphephile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page